Umpetha wesibhakela uthole elinye lamabhande akhe kodwa elinye alikakatholakali

Linda Ximba

U-Innocent “Tycoon” Mantengu ulibuyise ngokumangalisayo ibhande lakhe lobumpetha ngemuva kwezinyanga ezintathu lintshontshiwe e-Park Station. Kodwa-ke umpetha wesibhakela usenelinye futhi okumele alandele umkhondo walo.

UMantengu ulwe ngokungakhathali ukubuyisa amabhande akhe empi ayigugu e-WBA Pan African futhi manje uzimisele kakhulu kunakuqala ukuthola elesibili.

Unxusa noma ngubani onemininingwane ngebhande lesibili ukuthi eze ngaphambili.

Lo mshayisibhakela, odabuka eMtubatuba e-KZN kodwa manje osehlala eGoli, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ulitholile ibhande lakhe le-IBF All Africa junior featherweight ngoLwesine olwedlule.

Amabhande athathwa ngodlame kuMantengu yizigebengu ezamfaka ekhoneni e-Park Station ngenkathi esendleleni ebheke eThekwini.

Kodwa-ke, ukushaywa yinhlanhla okumangalisayo kumholele kwelinye lawo.

“Ngilunywe indlebe ngabangani bami abathi babone elinye lamabhande ami lithengiswa erenki yamatekisi i-Noord e-Jozi. Ngalandela umkhondo ngagcina ngilitholile ibhande ezandleni zomphathi werenki yamatekisi,” kusho u-Innocent.

“Uthe ulithenge kumuntu angamazi futhi umuntu omthengisele lona uthe ulithenge komunye umuntu”.

Manje umpetha ufuna umuntu othenge elinye ibhande alibuyisele kuye.

“Ngisebenze kanzima ukuthola lelo bhande. Ukuthi lithathwe kimi ngaleyo ndlela kungizwisa ubuhlungu. Ngizoklomelisa abangase bangisize ukuthola ibhande,” kusho u-Innocent.

Uwine leli bhande ngemuva kokunqoba uLuthando Mbumbulawan e-Sandton Convention Centre ngoNhlaba kulonyaka.

Izihloko zakamuva