Umpetha wesibhakela uCanelo uyibheke ngamehlo abomvu i-Weight world champions

Linda Ximba

UCanelo Alvarez ongumpetha womhlaba we-WBC cruiserweight uzozama ukuba ngowesihlanu kwi-weight world champions njengoba ezoyingenela iphethwe ngu-Ilunga “Junior” Makabu odabuka e-DRC.

U-Alvarez wase-Mexico usewine izicoco ezine ze-weight classes kanti ungumpetha womhlaba ongaphethwe muntu we-WBA, i-WBC, i-IBF ne-WBO super-middleweight, kodwa mhlawumbe ubhekene nenselelo enzima kunazo zonke njengoba lo mdlalo kuzoba iwona mdlalo onzima kakhulu umshayisibhakela angakaze abhekane nawo.

I-WBC ivume isicelo sikaCanelo sokulwela isicoco se-cruiserweight ngoNhlangulana engqungqutheleni yabo yaminyaka yonke njengoba uCanelo eqhubeka nohambo lwakhe lokubhala kabusha izincwadi zomlando emdlalweni wesibhakela.

“I-WBC igunyaze ngazwi linye ukuthi uCanelo alwele isicoco somhlaba se-WBC cruiserweight,” kusho umphathi wale nhlangano uMauricio Sulaiman.

Kuvidiyo, uMakabu ozinze eNingizimu Afrika uyayemukela inselelo yokubhekana nalo mdlali oyingozi wase-Mexico, kodwa uveza ukuthi unecebo elingamenza awine lo mdlalo wesibhakela.

Nokho, ngaphambi kwempi ebhekwe ngabomvu, uMakabu kuzomele azivikele kulowo ongumpetha aphinde abe intandokazi uThabiso Mchunu odume ngelikaThe Rock waseNingizimu Afrika obekwe endaweni yokuqala.

Lo mdlali waseNingizimu Afrika utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umdlalo wakhe noMakabu uhlelelwe uMasingana wonyaka ozayo.

Indawo okuzodlalelwa kuyo kungenzeka ibe se-Congo. UMakabu uzishaya isifuba ngerekhodi lika-28-2 kanye nokushaywa kwakhe okukodwa ebhekene noTony Bellew e-England ngonyaka wezi-2016.

U-Alvarez waqala ngokuwina izicoco ku-junior middleweight waze wafika ku-light heavyweight. Empini yakhe yakamuva waqumba phansi uCaleb Plant owazalelwa eMelika nge-TKO emzuliswaneni weshumi nanye.

UMakabu oyinxele okwamanje usenqobe izimpi eziyisishiyagalolunye njengoba ehlule u-Olanrewaju Durodola nge-TKO kumzuliswano wesikhombisa. Wanqoba  isicoco esasingenamuntu ngaleso sikhathi ebhekene noMichal Cieslak wase-Poland e-Kinshasa ngonyaka odlule.

UMakabu uzinze eNingizimu Afrika lapho amakhono akhe acijwa khona nguDamian Durandt. UDamian uyindodana yomqeqeshi ongasekho uNick Durandt.

Izihloko zakamuva