Umpetha wesibhakela nethemba lokuvikela isicoco sakhe  

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umpetha kazwelonke wesibhakela wesifazane uThema “Stone Cold” Zuma uzoba nempi yokuvikela isicoco sakhe se-bantamweight ebhekene noBathabile Ziqubu e-Vryheid ngeSonto.

Ukuzethemba kwakhe kwakhula ngemuva kokuthola indawo yokuzivocavoca efanele ukuze alungiselele impi yakhe ezayo.

Sekuphele cishe unyaka uZuma ephoqeleka ukuthi azilolonge endaweni yokuzololonga yesikhashana, ngaphandle emgwaqeni noma ngemuva komuzi endaweni yangakubo e-Lamontville.

Ihholo lomphakathi ayelisebenzisa lavalwa ngemuva komonakalo owadalwa izikhukhula ezadala umonakalo omkhulu KwaZulu-Natal nyakenye.

I-Scrolla.Africa sihlangane noZuma endaweni yokuzivocavoca ezinze enkabeni yeTheku lapho ayesebenza khona ngaphansi kweso lomqeqeshi uSizwe Mthembu.

Le ndawo yokuzololonga isikhiqize ompetha abaningi njengoWiseman Dlomo owayengumpetha we-SA heavyweight, uChristopher Buthelezi owayengumpetha we-SA middleweight kanye nowayengumpetha we-WBA Pan African bantamweight uSiboniso Gonya.

“Bengilokhu ngilapha kusukela ekuqaleni kukaMasingana. Okungenani kukhona izinsiza ezifanele futhi ngithola ukwesekwa ngabashayisibhakela besilisa nokuyinto engenze ngaqina. Ukuba lapha kungokwesikhashana njengoba ngisenethemba lokuthi ihholo lomphakathi wakithi lizophinde livulwe,” kusho uZuma.

Njengoba ezolwa noZiqubu amhlula ngamaphuzu bebanga isicoco ebesingenamuntu ngoNhlangulana nyakenye eThekwini, uZuma uthe: “Ngiyilungele impi. Ngifuna ukumvala umlomo wakhe omkhulu ngoba kade etshela abantu ukuthi warojwa. Ngihlose ukumshaya nge-knockout kulokhu.”

UZiqubu onguthisha ngokomsebenzi akakuphendulanga lokhu.

“Ngizovumela izandla zami ukuthi zikhulume eringini,” esho.

Enye impi okubhekwe ukuthi ihanjelwe ngabalandeli abaningi ngekaMpendulo “Matshikiza” Gumede wase-Clermont noNhlonipho Hlubi waseMnambithi.

Bazobanga isicoco esingenamuntu se-KZN featherweight emizuliswaneni eyishumi. Lezi zimpi zihlelwe i-Starline Promotions kaZandile Malinga. Impi ezoba ehholo i-Cecil Emmett izoqala ngehora lesibili ntambama.

Esithombeni esingenhla: UThema Zuma

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva