Umpetha weNdebe yoMhlaba u-Alex Morgan uthi abesifazane bayaphoxeka ngezigameko zokuhlukunyezwa ngokocansi

Dylan Bettencourt

Owanqoba iNdebe Yomhlaba Yabesifazane i-FIFA amahlandla amabili u-Alex Morgan uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi bangaki abesifazane okungenzeka ukuthi bayekelelwe yi-National Women’s Soccer League (i-NWSL) ehlazweni lakamuva lokuhlukunyezwa ngokocansi.

Izwe lebhola labesifazane libhekane nombiko othusayo lapho abadlali bebhola uSinead Farrelly noMeleana Shim bethi bahlukunyezwa ngokocansi ngumqeqeshi wabo oyinhloko we-Portland Thorns, uPaul Riley, ngowezi-2015.

Laba besifazane ababili, abasizwe nguMorgan, bakusho kwi-The Athletic ukuthi uRiley usebenzise isikhundla sakhe ukwenza abadlali ukuthi benze ucansi naye futhi wabaphoqa ukuba baqabulane phambi kwakhe.

Uphenyo ngokuziphatha kukaRiley lushiye abaningi bethukuthele ngemuva kokuthi isijeziso asithola kwaba ukuxoshwa nje kuphela emsebenzini wakhe. Wabe esethola enye indima yokuqeqesha ezinyangeni ezimbalwa kamuva.

Ngemuva kwesikhalo ngalolu daba nokuthi i-FIFA ithule uphenyo ngoRiley, iqembu lase-North Carolina Courage linqume ukuxosha umphathi walo ekupheleni kukaMandulo kulo nyaka.

“Okokuqala nokusemqoka, ngilapha namhlanje ukuzokweseka uMeleana noSinead,” kusho uMorgan etshela i-TODAY.

“Ngizoqhubeka nokuzwakalisa amazwi abo futhi ngikhombise ukuhluleka kwiligi nokuthi benze iphutha kangakanani ekuphatheni icala likaMeleana”.

Lo mdlali oneminyaka engama-32 ubudala uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abanye besifazane abaningi kungenzeka ukuthi bake baba nezinkinga ezifanayo nalolu phiko.

UMorgan, owathola indondo yegolide e-London ngowezi-2012, uhole inqubo-mgomo yokulwa nokuhlukunyezwa kwi-NWSL ekuqaleni konyaka ebandakanya uMnyango Wezabasebenzi kanjalo nenombolo yokubika ngokuhlukunyezwa.

Iligi, nokho, yasinqaba isicelo sikaFarrelly noShim sokuvula kabusha uphenyo ngoRiley.

Ezinyangeni eziyi-12 ezedlule, abanikazi bamaqembu amahlanu, abaqeqeshi nezimenenja baxoshelwe izinkinga ezithinta ukuhlukumeza njengoba inqubo-mgomo elwa nokuhlukunyezwa ivule indlela yokuqeda lolu phiko lwabahlanganyeli abahlukumezayo.

“Sesiqalile ukubeka lezi zinto endaweni ngokufunwa ngabadlali. Into esiyicelayo ukuthi iligi iqale ukusebenza, hhayi ukusabela. Sicela ukucaciseleka,” kusho uMorgan.

Ngemuva kwesehlakalo esiqhubekayo, ukhomishani we-NWSL uLisa Baird kanye  nommeli uLisa Liven bashiye izikhundla zabo.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva