Umpetha welomphebezo ucabanga eyomhlalaphansi

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokuphuma emzuliswaneni wokuqala we-Wimbledon Grand Slam uSerena Williams uthe kungase kube okokugcina edlala kulo mqhudelwano wodumo.

Lo mdlali oneminyaka engu-40 ubudala uhlulwe emdlalweni wakhe womzuliswano wokuqala ebhekene noHarmony Tan kumasethi amathathu ajabulisayo emahoreni amathathu.

UWilliams uyangabaza ngekusasa lakhe kwithenisi. Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi uzophinde ayingenele yini i-Wimbledon.

“Umbuzo engingeke ngiwuphendule lowo okwamanje angazi. Kwazi bani mhlawumbe ngisazoqhamuka futhi?” ekhuluma ngemuva komdlalo.

Lo mdlali osewine i-Grand Slam amahlandla angu-23 nokho akafunanga ukukhunjulwa ngokuhlulwa kumzuliswano wokuqala emqhudelwaneni ahlale ewunqoba.

“Impela angifuni ukukhunjulwa ngalokhu,” kusho uWilliams.

“Ngidlale ngokuzimisela ngenza konke obekusemandleni ami. Mhlawumbe kusasa bengizodlala ngendlela ehlukile futhi ngesonto eledlule benginganikela okwengeziwe. Kodwa namuhla ilokhu engikwazile ukukwenza nangesinye isiskhathi ngingenza okuhlukile.”

UWilliams ubuyele enkundleni cishe ngemuva konyaka elimele emqhudelwaneni we-Wimbledon. 

Ngemuva kokungaphatheki kahle ngenxa yokulimala eqakaleni uWilliams uthe unokungabaza okukhulu ngekusasa lomsebenzi wakhe wethenisi.

Kodwa ngaphezu kokungabaza kwakhe ubuyele kwithenisi futhi wathi abonakale kwi-Grand Slam yokugcina yonyaka ye-US Open.

“Uma ngisekhaya ikakhulukazi e-New York lapho ngaqala khona ukunqoba i-Grand Slam ngizizwa ngikhethekile.”

“Kuhlale kukhona ugqozi uma udlalela ekhaya.”

UWilliams manje ubekwe endaweni ka-1,204 emhlabeni ngenxa yokungabikho kwakhe, kodwa ukudlala njalo kungaba ukhiye wokubuyela esimweni sakhe esihle kakhulu.

“Uma udlala njalo kuba khona nokuzethemba okukhona ngomdlalo. Uyacabanga ukuthi ukube bengidlala imidlalo bengingeke ngiwageje amanye alawo maphuzu,” kusho lo mdlali.

Umthombo wesithombe: @NewYorkPost

Izihloko zakamuva