Umpetha weComrades ufuna ukuvikela isicoco sakhe

Lubhalwe nguThathe Msimango

UTete Morena Dijana unethemba lokuthi uzosigcina isicoco sakhe ku-Comrades Marathon yalo nyaka.

Bangaphezu kuka-20 000 abasubathi abazojoyina e-City Hall eMgungundlovu ukuyogijima umjaho onzima ka-89 km, kodwa uDijana ukubheke ngabomvu ukuba ngowokuqala ukungena enkundleni yekhilikithi i-Kingsmead eThekwini ngeSonto ngomhlaka-11 kuNhlangulana.

UDijana owadla umhlanganiso emjahweni wangonyaka odlule ngesikhathi enza isikhathi esingu-5:30:38, usanda kuzilolongela ezintabeni zase-Dullstrom ehlelelwa iqembu lakhe, i-Nedbank Running Club.

Abanye ozakwabo kubalwa owayengumpetha we-Comrades u-Edward Mothibi, uDan Matshaliwe, no-Adele Broodryk kanti uDijana uzizwa enokuzethemba ngemuva kokuzilungiselela.

“Ngizizwa nginethemba. Senze okudingekayo ukuze silungiselele usuku olukhulu.”

“Kulo nyaka sibe nesikhathi esengeziwe sokuzilungiselela futhi ngikulungele ukubhekana nomjaho.

UDijana osebenza njengonogada eNyuvesi yase-North West, uthe ujabule kakhulu ngokuthi akalimele nhlobo.

“Ngingena emjahweni ngisesimweni esiphelele.”

UBongumusa Mthembu, owine kathathu emjahweni we-marathon ulindele umjaho onzima kulo nyaka ngenxa yokuthi sincane isikhathi sokuzilungiselela.

Ugcizelele ukubaluleka kokuhlela ngendlela efanele nokulindela ukuthi ozonqoba abe namandla ngendlela emangalisayo futhi abe nesu lokuwina.

Umjaho wabesifazane ubonakala uzobangwa kakhulu.

UBroodryk ophume endaweni yesithathu emdlalweni wakhe wokuqala nyakenye, uzizwa enolwazi oluningi ngalo mjaho futhi ulindele imiphumela engcono kulokhu.

UBroodryk uyazethemba ekuqondeni kwakhe umqhudelwano futhi uzilungiselele inselelo enzima yokubhekana nompetha oyintandokazi yangaphambi komjaho ka-2019 uGerda Steyn nabanye abasubathi abasabekayo abafana noYolande Maclean.

Osesithombeni esingenhla: UTete Morena Dijana

Izihloko zakamuva