Umpetha we-Sevens ulwa nesifo sengqondo

Dylan Bettencourt

Umdlali we-Sevens Rugby wase-Kenya uDennis Ombachi usethathe ikhefu kulo mdlalo ngemuva kokutholakala ukuthi unesifo sokuphazamiseka kwengqondo.

U-Ombachi uthe umqeqeshi wakhe umyalele ekutholeni ukwelashwa kwalesi sifo esingadala ukushintshashintsha kwemizwa.

Lo mdlali wase-Kenya (31) wadlala kuma-Olympics ngo-2016 e-Rio de Janeiro waphinde wadlala ku-2013 Sevens World Cup.

U-Ombachi wakhuluma ngobunzima bakhe ngesikhathi ezwa umoya wakhe wehla futhi evame ukuphelelwa amandla phakathi nomdlalo noma uma eziqeqesha, okwaholela ekutheni akhale endlini yokugezela.

Ngaphambi kweNdebe Yomhlaba ye-Sevens ngo-2018, u-Ombachi wakhuluma nomqeqeshi wakhe ngesimo sakhe.

“Benginezinkinga eminyakeni yami yakamuva ngisesikoleni esiphakeme kanye nasemsebenzi wami wezemidlalo,” kusho u-Ombachi.

U-Ombachi wayesegcindezeleke kakhulu waze wazama ukuzibulala, kodwa odadewabo abathathu bamthola engakakwenzi lokho.

Wafuna usizo, nokuyilapho okwatholakala khona ukuthi unokuphazamiseka kwengqondo.

“Besekuqala ukuba nomthelela empilweni yami, kubangani bami nakumama wezingane zami,” usho kanje.

“Ngatshelwa ukuthi nginalesi sifo ngesikhathi ngeneminyaka engu-20. Kwakusekuqaleni komsebenzi wami ngesikhathi ngilaliswa esibhedlela. Uma ngibheka emuva, kwaba sengathi ngiphumelele ukuba lapho engikhona naphezu kwesimo sami. Kodwa-ke kwaba kubi kakhulu.”

Udalule ngesifo esimphethe ezinkundleni zokuxhumana, ememezela ukuthi usethathe ikhefu kulo mdlalo cishe esikhathini esingango nyaka esedlule.

“Umsebenzi wami ubusuzophela. Bengidinga ukuzihlukanisa nezemidlalo ngoba zifuna ngizinikele kakhulu.

“Kulindeleke ukuthi wenze kahle kakhulu kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani. Kumele ugcine isimo esithile somzimba. Kuningi ukugcindezeleka ngaphakathi nangaphandle kwenhlangano yezemidlalo, okuhlanganisa nezinkinga zempilo,” esho.

Kodwa-ke u-Ombachi manje usebheke ukubuyela enkundleni ezodlala lo mdlalo awuthandayo.

Umthombo wesithombe: @PlanetSevens

Izihloko zakamuva