
Dylan Bettencourt
Umshayeli uLewis Hamilton angase aphoqeleke ukuthi aphuthelwe i-Canadian Grand Prix ngenxa yezinhlungu anazo eqolo.
Yize eqede endaweni yesine e-Azerbaijan ngeSonto, kodwa kube nzima ukuphuma emotweni ngemuva komjaho, ebambe iqolo kucaca ukuthi usezinhlungwini.
Lo mpetha womhlaba osewine amahlandla ayisikhombisa ubukeke engakhululekile njengoba ezwakale ethi usethandazela ukuthi uphele lo mjaho.
Ithimba lakwa-Mercedes alikaze lisondele endaweni elifisa ukuba kuyona kanti lokhu kusolwa kakhulu ukuthi kwenziwa ukuhamba kwemoto ngesivinini esiphezulu.
Yize amanye amaqembu amaningi abhekene nezindlela zokuxazulula izinkinga, kodwa i-Mercedes ibonakala ingenazo izimpendulo zalokhu okwenzekayo.
Ngemuva kwemijaho eyisishiyagalombili yesizini ye-Formula 1 kuvele ukuthi ukubhampa kwemoto kuletha izinkinga.
Umshayeli wase-Britain uqede endaweni yesine ngemuva kokuthi bobabili ne-Ferraris beshiye phansi ngenxa yokungasebenzi kwenjini.
Umphathi weqembu lakwa-Mercedes uToto Wolff uthe ithimba licabanga ukusebenzisa umshayeli walo oqashiwe e-Montreal uma uHamilton engakwazi ukungenela lo mqhudelwano.
“Isimo akuso asisihle neze,” kusho uWolf.
“Uyabona ukuthi lezi akusezona izinhlungu zomsipha. Lokhu kwehla kumgogodla futhi kungadala imiphumela ethize engemihle.
Isixazululo ukuthi kumele sithole ozongenela isikhala sakhe okwesikhashana.”
UStoffel Vandoorne noma uNyck de Vries kungakhethwa kubo uma uHamilton engalulami.
UHamilton uthe umjaho wase-Baku ubunzima kunayo yonke imijaho aseke wayibekezelela empilweni yakhe.
“Kunezikhathi eziningi lapho bengingazi noma ngizophumelela yini nokuthi ngizokwazi yini ukugcina imoto isendleleni,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala.
“Lo bekuwumjaho obuhlungu nonzima kunayo yonke engake ngaba kuyo.”
UHamilton osendaweni yesithupha uma elinganiswa nabanye abashayeli uthe udaba lokubhampa kwemoto luyamkhathaza.”
“Le moto ibibhampa kakhulu izikhathi eziningi ngicishe ngashayisa odongeni.
Lokho kulethe ukukhathazeka ngokuphepha kwami. Kunzima impela ukucabanga ngalokhu okucishe kwenzeka,” kusho uHamilton.
Umthombo wesithombe: @Motorsport