Umpetha wase-Benin ungene kwezokusubatha

Dylan Bettencourt

U-Odile Ahouanwanou wayenephupho lokuba umdlali webhola kodwa ukuntuleka kokutshalwa kwezimali kwezemidlalo e-Benin kwamphoqa ukuthi angenele ezokusubatha.

Lo msubathi (31) usezolwela ukuthola indondo yegolide kuma-World Athletics Championships kodwa ngabe konke kwehluke kakhulu kulo mpetha wase-Afrika.

“Ngaqala ukudlala ibhola ngisemncane kakhulu ngoba nginabafowethu nabazala abadala ababelidlala. Sasinegceke elikhulu ekhaya ngakho sasihlezi sidlala ibhola,” kusho yena etshela i-BBC Sport Africa.

“Ngangingukaputeni weqembu lami iminyaka eminingi futhi ngangidlalela iqembu lesizwe lase-Benin, kodwa ngaphoxeka ebholeni ngenxa yepolitiki yase-Benin.”

Ukuthuthukiswa kwebhola labesifazane e-Benin kwakungekho ezingeni elidingekayo ukuze abadlali babe ngochwepheshe.

“Ibhola labesifazane kwaba into engangayilindele. Ngenxa yalokhu, kwadingeka ukuthi ngihoxe kancane ebholeni elikhokhelwayo,” echaza.

U-Ahouanwanou uthe ubesadlala ibhola ukuze azijabulise kodwa wabe eseqala ukukhombisa ithalente kwezokusubatha.

“Bengihlezi ngihlula wonke umuntu kodwa bengingaziboni kwezokusubatha kwaze kwathi ngolunye usuku ngo-2007 ngaba umpetha wezwe lase-Benin kwi-high jump, konke kwashintsha,” esho.

I-Heptathlon iqukethe imidlalo eminingi ehlukene yethrekhi nenkundla efana nemijaho ka-100m, i-high jump, i-shot put, umjaho ka-200m, i-long jump, i-javelin kanye nomjaho ka-800m.

Amaphuzu aklonyeliswa ngomdlalo ngamunye bese ehlanganiswa ekugcineni ukuze kunqunywe ukuthi ubani odle umhlanganiso.

U-Ahouanwanou ube umuntu wokuqala ezweni lakubo ukuwina indondo yegolide kuma-African Championships ngesikhathi ewina ngo-2018.

Ugcine isicoco sakhe e-Mauritius ngenyanga edlule.

Kodwa nakuba engumpetha wase-Afrika, u-Ahouanwanou unomuzwa wokuthi kusekuningi okumele akufunde.

“Ngafunda ukugijima, ukuma ngiphakeme futhi ngafunda amasu. Ngifunde okuningi futhi ngiyaqhubeka nokufunda. Lokho kungamandla ami. Manje ngithuthuka usuku nosuku futhi ngiyaziqhenya ngalokho,” esho.

Umthombo wesithombe: @BeninWebTV1

Izihloko zakamuva