Umpetha wakuleli nethuba lokuvikela isicoco ekhaya 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Emzamweni wokuthi uSivenathi “Special” Nontshinga abe umpetha womhlaba, abaphathi bakhe basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi uvikela isicoco sakhe se-IBF junior flyweight kuleli.

Lo mshayisibhakela wase-Eastern Cape wawina isicoco se-IBF ngesikhathi ehlula uHector Flores owayelwa kakhulu e-Mexico ngoMandulo nyakenye.

Umqeqeshi ophinde abe umphathi kaNontshinga uColin “Nomakanjani” Nathan uthe umshayisibhakela wakhe uzovikela isicoco ngokuzithandela.

“Siyethemba ukuthi impi izoba ekupheleni kukaNdasa noma maphakathi noMbasa. Sithandazela ukuthi izinto zihambe ngendlela yethu ezingxoxweni ezithinta izinhlaka ezehlukene okukhona kuzo abaxhasi kanye nohulumeni wakuleli,” kusho uNathan.

Inkampani kaNontshinga i-Rumble Africa Promotion okuyiyona ebilokhu iphethe umsebenzi wakhe kusukela ngo-2017 ithe sebeqale izingxoxo nabantu abehlukene ngenhloso yokuthola imali yokuqhuba umqhudelwano walolu hlobo.

“Sixoxisane nabakwa-SABC, abakwa-SuperSport kanye nohulumeni mayelana nezindleko zokwenza le mpi ibe impumelelo. Siyethemba ukuthi bazoza kulo mqhudelwano. Sithandazela ukuthi sibe nesivumelwano ezingxoxweni zethu ze-round table ne-IBF.”

“Kungaba kuhle ukuthi uSivenathi avikele isicoco sakhe ekhaya ikakhulukazi phambi kwabantu base-Eastern Cape. Abashayisibhakela bethu abaningi ababanga nayo inhlanhla njengoba bephoqeleka ukuthi bavikele izicoco zabo kude nasekhaya ngaphansi kwezimo ezinzima,” kusho uphromotha.

Umakadebona wesibhakela uMoruti “Baby Face” Mthalane walahlekelwa isicoco sakhe se-IBF flyweight ehlulwa uSunny Edwards waseNgilandi ngoNhlaba nyakenye. Selokhu abuyisa isicoco sakhe ngo-2018 uMthalane ubelokhu esendleleni ehamba amabanga amade eyovikela isicoco sakhe emazweni afana ne-China kanye ne-Japan.

Ophromotha bakuleli abanayo imali eyanele yokwenza imiqhudelwano efana nowe-IBF, owe-World Boxing Council, owe-World Boxing Organisation kanye nowe-World Boxing Association.

Esithombeni esingenhla: USivenathi Nontshinga

Umthombo wesithombe: TimesLive

Izihloko zakamuva