Umpetha omusha we-Formula 1

Dylan Bettencourt

Njengoba abantu bebekholelwa ukuthi uMax Verstappen angase athweswe umqhele kule mpelasonto akubanga njalo, njengoba uzakwabo uSergio Perez kunguyena ophumelele ku-Singapore Grand Prix.

Ithrekhi ibuyele ekhalendeni le-Formula 1 ngemuva kokumiswa iminyaka emithathu futhi imvelo yayo emangalisayo ayizange ishintshe.

Lo mjaho obungeSonto ubambezeleke ngehora ngenxa yemvula enamandla ezweni elishisayo.

Ngesikhathi umjaho uqhubeka uCharles Leclerc ube nesiqalo esibi esivumele uPerez ukuthi angene ngaphambi kwakhe wahlala khona umjaho wonke.

Impelasonto yokuwina isicoco sikaVerstappen vele yonakale ngoMgqibelo njengoba ekwazi ukuphumelela endaweni yesishiyagalombili kuphela ngenxa kaphethiloli.

Umshayeli wase-Netherlands ulwe ngemuva kokuqala egijima kakhulu phakathi nomjaho ukuze aqede endaweni yesikhombisa okuwumdlalo oncomekayo ngempelasonto ebuhlungu kulowo ozoba ngumpetha maduze.

Umshayeli wase-Mexico, uPerez ushayele ngaphansi kwesimo esibi kwaze kwaba maphakathi nendawo wabe eselungisa ukushintshwa kwakhe amathayi endaweni yase-Marina Circuit ebishelela. 

ULeclerc uhlasele sekwephuzile ngemizuzu yokugcina, kodwa ugcine ephokophele kakhulu wenza amaphutha amaningana ambone ehlehla kakhulu kumholi womjaho.

UPerez uthe ngemuva komjaho lokhu bekuwukwenza kahle kwakhe eqenjini kusukela ejoyine nyakenye.

“Impela bekuwumdlalo wami omuhle kakhulu futhi bengiwuphethe umjaho. Imilenze embalwa yokugcina ibishubile. Ngenze konke okusemandlelni ami ukuze nginqobe namuhla,” kusho yena.

Umjaho kudingeke ukuthi ushintshelwe esinqumweni sesikhathi esiphelayo ngokungafani nezikhathi zokugijima ukuze kuqinisekiswe ukuthi umjaho aweqi amahora amabili.

Kodwa emjahweni obunzima isonto lonke kushiye abalandeli befuna okungaphezulu njengoba abashayeli abayisithupha bathatha umhlalaphansi kulo mjaho, bekhipha imoto yokuphepha kaningi.

Ngokumangazayo kube nokudlula okuningi kunalokho obekulindelwe kumjikelezo womgwaqo ovame ukuhlinzeka okuncane kakhulu ngokwesenzo somjaho.

Okulandelayo ku-Formula 1 uhambo oluya e-Japan ku-Suzuka Grand Prix ngeSonto elizayo.

Umthombo wesithombe: @ESPNF1

Izihloko zakamuva