Umpetha kwezokusubatha uthweswe iziqu zobuphoyisa

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ukubaleka sekuzoba nzima kakhulu ezigebengwini zase-Kenya ngemuva kokuthi indoda egejima kakhulu e-Afrika uFerdinand Omanyala athweswe iziqu zobuphoyisa.

Bangaphezu kuka-2,800 o-constables abathweswe iziqu ngoLwesibili e-National Police College eNairobi emcimbini obuhanjelwe uMengameli uWilliam Ruto.

Kodwa omunye obethweswa iziqu uvele wagqama ukwedlula abanye. U-Omanyala ovame ukuphuma phambili emiqhudelwaneni yezokusubatha ubehola abasanda kuthweswa iziqu.

Laba abasanda kuthweswa iziqu baqede izifundo zabo kanye nokuqeqeshwa kwabo okuhlanganisa izifundo zamalungelo abantu, ezobuphoyisa, ukuphathwa kokuhleleka komphakathi, amakhono ezikhali kanye nokulwisana nobudlova, ngokusho koMbutho wamaPhoyisa kaZwelonke.

Ngaphandle kokungabaza u-Omanyala uzosebenzisa ijubane lakhe elimangalisayo ukugcina imigwaqo yase-Kenya iphephile.

Izigebengu ezizokwenza ubugebengu ngesikhathi u-Omanyala esemsebenzini kuzodingeka ukuthi ziqinisekise ukuthi zinemoto egijima ngesivinini esiphezulu ukuze zibaleke endaweni yesigameko – futhi noma kunjalo lona wesilisa (27) angase azibambe.

U-Omanyala waqopha irekhodi lase-Afrika ku-100m sprint ngoMandulo nyakenye ngesikhathi eqa umugqa ngesikhathi esingu-9.77.

Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho ngoNhlangulana nyakenye waba umsubathi wesibili wase-Kenya ukuba umpetha wase-Afrika ku-100m.

Esithombeni esigenhla: U-Omanyala ethweswa iziqu zobuphoyisa

Umthombo wesithombe: @Ferdiomanyala

Izihloko zakamuva