Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abantu abahlala ezindaweni ezisentshonalanga neGqeberha baphelelwe ugesi kusukela ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi umoya onamandla udilize imibhoshongo (towers) emine kagesi.
Izindawo ezyiishumi nantathu, okuhlanganisa iSummerstrand, iForest Hill, iHumewood, neWalmer, ezithintekile.
Ukuphela kukagesi kwenze impilo yaba nzima, ukudla kuvele kwabola kantu kuphazamiseke nezindlela zokusebenza zansuku zonke.
UYolanda Heleni waseSouth End uthe: “Bekuyinyanga enzima. Ngesikhathi umlingani wami ehola ngoLwesihlanu, ngaya kothenga igrosa. Bengingazi ukuthi ugesi uzophela ntambama. Manje inyama isiqala ukunuka.”
UZingisa Zamisa waselokishini laseWalmer uthathe isinqumo sokuthi indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha ingayi esikoleni.
“Iyathusa indaba yokumvusa ngo-6 ekuseni ukuze umgeze ngamanzi abandayo. Nginqume ukuthi angayi esikoleni kuleli sonto,” kusho uZamisa.
Ekuqaleni uMasipala iNelson Mandela Bay Municipality (NMBM) uthe kuzothatha amasonto amabili ukulungisa le nkinga kodwa ngemuva kokukhuluma nabakwa-Eskom bathi kuzothatha izinsuku eziyisikhombisa.
Okhulumela iNMBM uSithembiso Soyaya uthe basebenzisana no-Eskom ukulungisa le nkinga ngokushesha.
“Sigunyaze uhlelo lokuthi i-Eskom isebenzisane ne-NMBM ukuze kufakwe izigxobo zensimbi ezengeziwe futhi zigxunyekwe entanjeni kagesi yase-Chelsea,” kusho uSoyaya.
Wengeze ngokuthi amaqembu asevele akhona ukufaka izintambo zesikhashana ukuze abuyisele ugesi ngokushesha okukhulu.
Isithombe esingenhla: Umasipala waseNelson Mandela Bay kanye namaqembu akwa-Eskom asebenza ukulungisa imibhoshongo ecekelwe phansi yisiphepho esinamandla.
Umthombo: NMBM/Facebook