UMount nenkontileka yeminyaka emihlanu kuManchester United

Joyina uRazeen Gutta embikweni wakhe wamasonto onke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

UMason Mount usezoqedela isivumelwano sakhe sokufudukela ku-Manchester United kanti uzakwabo uDeclan Rice usezoba umdlali waseNgilandi obiza kakhulu emlandweni.

EYurophu

Ngokwemibiko eminingi i-Manchester United isiqedile ukusayinisa uMount esuka ku-Chelsea ngo-£55 million (R1.1 billion).

Lo mdlali (24) obemataniswa namaqembu amaningi okubalwa kuwo ne-Liverpool usesayine inkontileka yeminyaka emihlanu ku-Manchester United.

Ngakolunye uhlangothi, omakhelwane babo i-Manchester City sebeyekile ukufuna lo mdlali odlala maphakathi nenkundla babheke kwezokuvikela njengoba befuna umdlali wase-Croatia uJoško Gvardiol.

Lo mdlali (21) we-Leipzig ngeke eze eshibhile njengoba izingxoxo ezinde zizokwenzeka ngokusho kukaFabrizio Romano njengoba iqembu laseJalimane linethemba lokugcina uGvardiol kuleli qembu noma ehamba uzohamba “njengomdlali obiza kakhulu emlandweni”.

Njengoba uPep Guardiola esebheke kwenye indawo i-Arsenal ifuna ukusayinisa uRice we-West Ham ngemali engaphezu kuka-£100 million (R2 billion) okuvunyelwane ngayo phakathi kwamaqembu ase-London ngesonto eledlule.

Kuvunyelenwe ngemibandela yomuntu siqu emasontweni edlule futhi kulindeleke ukuthi isivumelwano sifinyelele esiphethweni ezinsukwini ezizayo.

Khona manjalo, obengumgadli we-Liverpool uRoberto Firmino uhambile eYurophu waya e-Saudi Arabia ngesikhathi u-Al Ahli esayina e-Brazil njenge-ejenti yamahhala.

I-Liverpool ikhipha abadlali abadala ifaka abasha njengoba iqembu likaJurgen Klopp seliqedile ukusayinisa uDominik Szoboszlai.

Lo kaputeni we-Hungary uzogqoka inombolo lesishiyagalombili e-Anfield ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emihlanu ngemali elinganiselwa ku-£60 million (R1.2 billion).

ENingizimu Afrika

Njengoba selivulwe ngokusemthethweni iwindi lokudayiselana ngabadlali bakuleli amahlebezi ashubile futhi ayashesha.

Amahlebezi okuqala aqhamuke e-Soweto njengoba kuthiwa uKhama Billiat wase-Zimbabwe angase aphelelwe isikhathi sakhe kuKaizer Chiefs kule nyanga.

Ukuhamba kwakhe kuqale kwabonakala kuyinto engenzeka ngesikhathi i-Far Post ibika ukuthi lo mgadli ubengazilolongi naleli qembu. Uma kwenzeka ehamba uzoba njenge-ejenti yamahhala njengoba lingekho iqembu amataniswa nalo njengamanje.

Kuyo yonke indawo e-Soweto kuthiwa umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates  uDeon Hotto angase asayine kuSupersport United, ngokusho kwe-SNL24.

Kubikwa ukuthi iPirates ayinandaba nokugcina lo mdlali (32) odabuka e-Namibia kanti kunamaqembu ambalwa asembangweni wokumsayinisa.

Esithombeni esingenhla: UMason Mount noDeclan Rice

Umthombo wesithombe: @FabrizioRomano

Izihloko zakamuva