UMotsoeneng usolwa ngenkohlakalo ethinta u-R11m

Dylan Bettencourt

Liyaqhubeka icala le-Special Investigating Unit (SIU) elibhekene nowayeyisikhulu esiphezulu kwa-SABC (COO) uHladui Motsoeneng ngoMsombuluko.

Icala liqale nge-Special Tribunal ibuyekeza isicelo se-SIU kanye ne-SABC.

Zombili lezi zinhlaka zizama ukubuyisa imali engu-R2.5 million uMotsoeneng ayisebenzisa ukukhokhela abaculi abaningi ngonyaka ka-2016.

Eminyakeni eyisithupha edlule, abaculi abangu-53 okubalwa kubo uBlondie Makhene noSteve Kekana ongasekho bakhokhelwa imali engu-R50,000 umuntu ngamunye.

Yize i-SIU kanye ne-SABC behlose ukuthi imali ibuye, bazama nokuthi ukudluliswa kwemali kuthathwe njengokungalungile futhi kubekwe eceleni.

IJaji uJabu Motepe omele i-SIU kanye ne-SABC umemezele ukuthi ukukhokhelwa kumele kuthathwe njengento engekho emthethweni njengoba kwakhokhelwa abaculi ngaphandle kwenqubomgomo.

“Sithi lokhu akulungile ngoba leso sigaba somthetho sisho ngqo ukuthi i-SABC kumele iqhamuke nenqubomgomo ezothuthukisa izindaba zamasiko,” kusho uMotepe.

“Ukwakhiwa kwenqubomgomo into eyodwa, kodwa ukuthatha isinqumo okufanele i-SABC ikhokhe enye into leyo, ngakho-ke wawungekho umgomo.”

UMotepe uthe ukuze kuphasiswe ukukhokha, i-SABC kuzomele yenze uhlelo lwebhizinisi lweminyaka emithathu oluhlanganisa nezinhlelo zokukhokhela abaculi.

“Ukukhokhelwa kwalezi zihlabani akuyona ingxenye yalolu hlelo lwebhizinisi lweminyaka emithathu obeluzogunyazwa,” kuchaza uMotepe.

Owayeyi-COO yakwa-SABC uMotsoeneng uphikisene ngokuthi wathola imali yokukhokha esebenzisa imithombo ezimele efana ne-MultiChoice, uMotepe aphikisana nayo ngokushesha.

“Ubufakazi bukhombisa ukuthi lokho akulona iqiniso. Yonke imali ekhokhiwe ngeyangaphakathi kwa-SABC. Akekho noyedwa kulabo abenza izinqumo owahlola wonke lawo maqiniso. Bavele bavuma,” eqhubeka echaza. 

Yize amaqembu amabili afuna imali yawo engu-R2.5 million kuphela, ummeli uthe uMotsoeneng wayehloselwe ukukhokhela abaculi abangu-180 kuphela u-R50,00 umuntu ngamunye kodwa ngokushesha leso sibalo senyuke safinyelela kubaculi abangu-215 – okwenza isamba sika-R10.7 million.

Umthombo wesithombe: @BusinessLIVE

Izihloko zakamuva