UMotshekga ungenelela kolokuphakela abafundi eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga usethume ithimba elizongenelela ohlelweni lokuphakela ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal.

Lolu hlelo lushiye inqwaba yabafundi bengenakho ukudla ngemuva kokuthi ithenda ka-R2 billion inikwe usomabhizinisi osebenzisana nobuholi be-ANC.

Uhlangothi lwe-ANC oluthathe izintambo kuhulumeni waKwaZulu-Natal luguqule uhlelo lokuphakela izikole osekuneminyaka lusebenza.

Lukhiphe abahlinzeki abanamava lafaka inkampani engaziwa i-Pacina Retail Pty Ltd enikezwe ithenda ka-R2 billion.

Le nkampani ayinazo izindawo zokugcina izimpahla noma inethiwekhi ethembekile yokusabalalisa ukudla ezikoleni kuso sonke isifundazwe.

Udumo lwayo ukuthi ngekaSabelo Zungu we-ANC ongumfowabo wesikhulu samaZulu FC uSandile Zungu.

USandile Zungu udume kakhulu ngokuthi usondelene kakhulu nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

Amaqembu aphikisayo akhala ngokuthi ithenda yanikezwa inkampani yaseGoli, i-Pacina Retail.

NgoLwesihlanu, isiteshi sikamabonakude sasendaweni i-1 KZN TV siveze ukuthi ithenda yanikezwa i-Pacina Pty Ltd ephethwe uZungu nyakenye.

Ithenda idale uthuthuva nentukuthelo njengoba osonkontileka bekhala ngokuthi baphoqeleke ukuthi bathenge ukudla kwi-Pacina Retail kuphela.

Le nkampani isolwa ngokwehluleka ukunikeza osonkontileka basezikoleni ezingaphezu kuka-5 000 zasemakhaya nasemalokishini aKwaZulu-Natal ngokubanika ukudla okuthatha usuku olulodwa esikhundleni sezinsuku eziyisishiyagalombili.

Iphinde isolwe ngokuhlinzeka ngokudla okuphelelwe isikhathi – nokuyinto edale impi phakathi kosonkontileka nothishomkhulu bezikole.

Lokhu sekuholele ekutheni abanye othishomkhulu bacele othisha babo ukuthi bakhiphe u-R100 umuntu ngamunye ukuze isikole sithengele izingane ukudla.

NgoLwesine, kusuke umsindo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngesikhathi uMtomuhle Khawula we-IFP eveza ukuthi uMnyango wezeMfundo uyakufihla ukuthi ithenda yanikezwa uZungu.

Usihlalo we-ANC esifundazweni uMnu Sboniso Duma uhlasele iMeya ye-DA yaseMngeni uMnu Chris Pappas wamsola ngokucwasa ngokwebala ngesikhathi ebiza abaholi be-ANC ngamaxoxo antshontsha imali yokudla kwezikole.

Le nkinga idale isiphithiphithi ezinhlakeni ze-ANC njengoba abanye bethi uNgqongqoshe wezeMfundo uMbali Fraser axoshwe.

I-ANCYL isinxuse izinhlaka zayo ukuthi zihambele zonke izikole zaKwaZulu-Natal ukuze kubhekwe ukuthi ukudla okulethiwe akuphelelwe yini isikhathi.

NgoLwesihlanu, uSihlalo we-IFP esifundazweni uMnu Thami Ntuli uhambise ukudla kwesinye sezikole zasemalokishini aseThekwini eLindelani njengoba ezinikele ukuthi uzosinika ukudla.

Esithombeni esingenhla: Umphathi we-AmaZulu FC uSandile Zungu  

Umthombo wesithombe: SNL24

Izihloko zakamuva