Lungani Zungu
UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga wamukele izinga lokuphasa likamatikuletsheni wango-2020.
“Bengilindele inhlekelele,” kusho uMotshekga.
“Ngijabule kakhulu ngoba laba bafundi bebebhekane nenselelo enkulu kodwa baphumelela.”
Ungqongqoshe uthe, ubudlova obabangelwa ubhubhane lwe-Covid-19 olwaphoqa izwe ukuthi libe kumvalelo ngonyaka owedlule, lwadala izinselelo ezinzima zokufundisa ezweni.
Yize lehlile izinga lokuphasa, uMotshekga uthe ibanga likamatikuletsheni wango-2020 likhiqize imiphumela esezingeni uma liqhathaniswa neminyaka edlule yize izinga lokuphasa lalingu-76,2% lehle ngo-5% lisuka ku-81% ngonyaka owedlule.
UMotshekga uthe, ukuphasa ngowe-2020 bekuseqophelweni eliphezulu yize bekunobhubhane.
“Ukube ubhubhane lwe-Covid belungekho, la bafundi bebezoba nemiphumela emihle kakhulu,” kusho uMotshekga.
Imiphumela imi kanje:
- I-Free State 85,1%
- I-Gauteng 83,8%
- I-Western Cape Kapa 79,9%
- IKwaZulu-Natal 77,6%
- I-North West 76,2%
- IMpumalanga 73,7%
- I-Limpopo 68,2%
- Eastern Cape 68,1%
- Northern Cape 66,6%
Abafundi abangu-36,5% bakamatikuletsheni baphase nge-bachelor, kwathi abangu-26% bathola i-diploma.
UMotshekga umemezele ukuthi iziboshwa ezingama-83,6% ziphase izivivinyo zikamatikuletsheni. Kulezi ziboshwa eziyi-124 ebezibhala izivivinyo, ezingama-71 ziphase ngama-bachelor.
Ngonyaka wokufunda ka-2020, abafundi abayi-725,034 babhaliswa ukubhala izivivinyo kodwa kubhale abayi-607,226 kuphela.
Bangaphezu kwezi-2 100 abafundi abanezidingo ezikhethekile ababhalile, kwaphasa abangaphezu kwezi-2 000, kusho uMotshekga.
Izifunda ezintathu ezenze kahle kakhulu yi-Tshwane South kwalandela i-Gauteng West kwathi i-Gauteng North yangena endaweni yesithathu.
Ungqongqoshe ukhuthaze labo abangakwazanga ukuphasa ukuthi babhalisele uhlelo lwe-Matric Second Chance Programme.