UMotsepe uthenge inkomo yekhethelo kuRamaphosa ngemali eshisiwe

Dylan Bettencourt

UMengameli uCyril Ramaphosa uzenzele imali esheshayo engu-R10 million ngeSonto ngokudayisa inkomo.

UMengameli ufake izinkomo zakhe ezingu-72 endalini kanye nezingu-16 zohlobo lwama-Ankole eNtaba Nyoni Cattle Farm.

Owayengumnikazi we-Mamelodi Sundowns ophinde abe ngusibali kaMengameli, uPatrice Motsepe, nguyena othenge ngemali enkulu ngosuku, ethenga izinkomo ezine zama-Ankole ngenani elilinganiselwa ku-R4.7 million.

Inkomo eyodwa ishaye ikhukhu likamnewethu kaMengameli imali engu-R2.1 million.

Ezinye izinkomo ezithengiswe endalini kubalwa izinkunzi ezingu-26 zama-Boran nezinkomo ezingu-30 zama-Bonsmara.

URamaphosa nguyena owasungula le phrojekthi engenisa izinkomo zama-Ankole zisuka e-Uganda ngo-2004.

Ngo-2017, uRamaphosa wakhipha incwadi yokuhlonipha lolu hlobo lwezinkomo, enesihloko esithi ‘Cattle of the Ages’.

“Zazinezimpondo ezinde, ezimhlophe, ezinhle ezibenyezelayo elangeni lase-Afrika, kanti ngavele ngaheheka futhi angibange ngisakwazi ukuyeka ukuzibuka. Ngathatheka ngazithanda lezi zinkomo,” kusho yena encwadini.

Isidingo sezinkomo zama-Ankole sikhule kancane kancane kule minyaka eyisithupha edlule ngesikhathi abalimi bekhokha imali enhle yokuthenga izinkunzi nezinkomo ezihamba phambili.

Kuthiwa uhlobo lwama-Ankole lwasungulwa e-Uganda eminyakeni engaba ngu-500 edlule kanti iningi lalo litholakala e-Democratic Republic of Congo, e-Rwanda nakwezinye izingxenye ze-Tanzania, ngokusho kweNhlangano Yezizwe.

Lolu hlobo lwezinkomo luthandwa kakhulu ngabafuyi bezilwane abasebenzisa izinkunzi nezinkomo ukuheha izivakashi kanye nokuzingela.

Umthombo wesithombe: @Ntabanyoni_Ankole

Scrolla World Cup Quiz