UMotsepe utakule iSafa kolwamabhonasi abeBanyana

Ekugcineni iBanyana Banyana izokwazi ukubamba iqhaza kwiNdebe Yomhlaba Ye-Fifa Yabesifazane ngo-2023!

IBanyana isithole uxhaso lwezimali 

kwiMotsepe Foundation, eyasungulwa nguPatrice Motsepe ebavumela ukuthi babambe iqhaza kwi-2023 Fifa Women’s World Cup e-Australia nase-New Zealand ngemuva kokufinyelela kwisivumelwano sezezimali ne-South African Football Association (Safa).

Iqembu lidube umdlalo walo wobungani ne-Botswana ngenxa yokukhathazeka ngezinkontileka zalo zokuya kwiNdebe yoMhlaba.

Ngenhlanhla uPatrice Motsepe ongumengameli we-Confederation of African Football (CAF) ungenelele ekuxazululeni inkinga yezimali.

Esebenzisa iMotsepe Foundation, unikeze uxhaso lokwengeza imali yokudlala imidlalo yeNdebe yoMhlaba ebekwe i-Fifa okuyimali engango-R6 million lapho umdlali ngamunye ezothola u-R230,000.

Umengameli we-Safa, uDanny Jordaan uvumile ukuthi udaba lwezinkontileka zeNdebe yoMhlaba kanye nemali yokuvela kwabadlali kwiNdebe Yomhlaba balusukumela sekwedlule isikhathi.

Uthe kunesidingo sokuthi kuqalwe lolu hlelo uma sekumenyezelwa isikwati sokuqala kunokulinda kuze kukhethwe isikwati sokugcina esizohamba.

Ngemuva kokuxazululwa kwenkinga yamaholo, iBanyana Banyana izoqhubeka namalungiselelo ayo eNdebe Yomhlaba.

Bahlelelwe ukudlala umdlalo wokugcina wokuzilungiselela ne-Costa Rica ngomhlaka-15 kuNtulikazi e-Christchurch ngaphambi kokuthi umkhankaso wabo weNdebe Yomhlaba uqale ngomhlaka-23 kuNtulikazi.

Kulo mqhudelwano iBanyana ibekwe eqoqweni ne-Sweden, i-Argentina ne-Italy.

Luhlanganiswe ngumbhali we-staff

Isithombe esingenhla: Patrice Motsepe 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva