Sizwe Sibiya
Njengoba kusasele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokhetho lowezi-2021 lukaMengameli omusha we-Confederation of African Football (i-CAF), kanti konke kukhomba kusomabhizinisi waseNingizimu Afrika uPatrice Motsepe ukuthi nguyena ongase athole lesi sihlalo.
Ngemuva kokubuyiselwa kukaMongameli we-CAF u-Ahmad Ahmad kulandela kokuvinjelwa kwakhe yi-FIFA iminyaka emihlanu engahlangani nokuthinta ibhola ngoLwezi ngowezi-2020 (eyahoxiswa ngoMasingana ngemuva kokudlulisa kwakhe isicelo ngempumelelo), kusele abane kuphela. Basalwela isihlalo sobuMengameli se-CAF u-Ahmad abenethemba lokuthi uzosithatha ihlandla lesibili.
Kodwa sekuqala kubukeka sengathi esikaMotsepe.
Lokhu kwenzeka yize, noma yena engafani nabanye abangenele ukhetho, akakaze ahlale esihlalweni somfelandawonye webhola lezinyawo ezweni lakhe. U-Augustin Senghor wayenguMengameli we-Senegalse Football Federation; UJacques Anouma wayenguMengameli wangaphambilini we-Ivorian Football Federation; kanti u-Ahmed Yahya wayenguMengameli we-Mauritanian Football Federation.
Kodwa-ke, uMotsepe unamathuba amaningi okuthi anqobe, kufaka phakathi – okubikiwe – ukwesekwa i-FIFA.
I-FIFA ithanda uMotsepe ukuthi athathe izintambo ku-Ahmad wase-Morocco, owangena esikhundleni sika-Issa Hayatou ngowezi-2017 ngemuva kweminyaka engama-29 yobuholi obungaphazamiseki bovela e-Cameroon, ngokusho kwe-AFP.
Imithombo esondelene nobuholi be-FIFA itshele i-AFP ukuthi yeluleke abanye abathathu abazongenela ukhetho ukuthi basekele uMotsepe uma sekufika usuku lokhetho – kanti bona bazonikezwa ezinye izikhundla kwi-CAF.
Ababili abazongenela ukhetho, uSenghor noJahya, kubikwa ukuthi sebewamukele umqondo wokuxhasa uMotsepe nokuthatha izihlalo eziseduze nobengameli. U-Anouma wase-Ivory Coast kuzofanele azimisele ngendima yokuba ngumeluleki kaMotsepe.
Ukhetho lobuMengameli be-CAF luzobanjelwa e-Morocco, e-Rabat, ngoLwesihlanu, ngomhla ziyi-12 kuNdasa.
Umthombo wesithombe: @DiskiFans