Menzi Magubane
UPatrice Motsepe kulindeleke ukuthi afune usizo ku-Irvin Khoza ekuxazululeni inkinga yamalungelo okusakaza imidlalo ye-CAF kumabonakude.
Imidlalo ye-Champions League kanye neye-Confederation Cup ayikhonjiswa kumabonakude njengoba i-CAF ingenawo amalungelo kanti nabathandi bebhola baphoqeleke ukuthi baphendukele ekusakazweni kwi-inthanethi ukuze babuke amaqembu abawathandayo edlala.
Ukuthola kukaKhoza amalungelo okusakaza ku-SuperSport ezigidigidi zamarandi eminyakeni embalwa edlule kwenza uMotsepe akholelwe ekutheni uKhoza uyindoda efanele ukumsiza.
“Uyakwazi ukuxoxisana nabantu mayelana namalungelo kamabonakude. Sizosebenzisa amakhono akhe,” kusho uMotsepe etshela i-IOL.
Esithangamini nabezindaba eGoli ngoLwesithathu uMotsepe uthe, uhlela ukuba neqembu lase-Afrika elizonqoba iNdebe yoMhlaba ye-Fifa.
“Izwe lase-Afrika kumele linqobe iNdebe yoMhlaba futhi kumele sihlonishwe,” kusho uMotsepe.
“Njengezikhulu ze-CAF, sizokhuluma ngezinyathelo eziphuthumayo okumele sizithathe ukuthuthukisa umdlalo ezwenikazi nokubona ibhola lase-Afrika lincintisana nomhlaba futhi liqhubekela phambili.”
UMotsepe kufanele aqale ngokwenza ngcono ifomethi ye-Champions League eshiye amaqembu amaningi ekhungathekile phambilini.
Ekupheleni kwesigaba seligi amaqembu amabili aphezulu eqenjini adlalela ekhaya nasekuhambeni kuma-semi final bese abaphumelele badlulela kowamanqamu.
Njengoba sihlaselwe ubhubhane lwe-Covid-19 umdlalo wasekhaya nowasekuhambeni wenziwe umdlalo owodwa. Kusazobonakala ukuthi ngabe uMotsepe uzoyigcina yini le ndlela entsha.
Umthombo wesithombe: @kgomotso