UMosimane uthi umsebenzi awukapheli

Menzi Magubane

Noma i-Al Ahly ihlule iMamelodi Sundowns kodwa umqeqeshi we-Ahly uPitso Mosimane uyazi ukuthi umsebenzi awukapheli.

Iqembu likaMosimane lihole phambili ngamagoli amabili ngemuva kokushaya iSundowns ngo 2-0 emlenzeni wokuqala we-quarterfinal ye-CAF Champions League.

UMosimane (56) ubone ezakhe zibuswa yiDowns ekhaya ngoMgqibelo. Ama-Brazilians abe nebhola elingcono futhi bebengawunqoba kalula lo mdlalo ukube basebenzise amathuba abo okushaya amagoli, kodwa i-Ahly ikwazile ukuthola lawo magoli amabili abalulekile.

Lo mqeqeshi owake wadlalela iSundowns uqobo uthe kusenokwenzeka ukuthi aMasandawana angashintsha izinto uma sebedlala futhi ngoMgqibelo e-Tshwane ngehora le-3 ntambama. ISundowns isanqotshwe amahlandla amabili kuphela kule sizini ekhaya kuyo yonke imiqhudelwano.

“ISundowns isengayijika lento. Ngiyabahlonipha kakhulu abadlali nabalandeli beSundowns,” kusho uMosimane.

“Bekuwumdlalo onzima kodwa besazi ukuthi sizowuphatha kanjani. Ngikholwa wukuthi sizoya eNingizimu Afrika siyothola imiphumela edingekayo. Sifuna ukugcina ishidi elihlanzekile futhi sidinga ukushaya amaphuzu.”

UMosimane ube nengcindezi enkulu muva nje futhi uzothemba ukuthi ukuthuthuka emncintiswaneni kuzokushintsha lokho. Ukudlala ngokulingana e-Loftus Stadium kuzokwanela ukubona amaRed Devils edlulela kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano futhi agcine amathemba abo okuvikela isicoco sabo ephila.

Ngokuqondene neDowns, kuzodingeka banqobe ngo-3-0 ukuze bazibeke ethubeni lokudlulela phambili.

Umthombo wesithombe: @nomagadlela

Izihloko zakamuva