Sizwe Sibiya
UMengameli weMamelodi Sundowns uDkt uPatrice Motsepe ukuqinisekisile ukuhamba komqeqeshi omkhulu weqembu uPitso Mosimane ukuyoqeqesha iqembu laphesheya e-Egypt i-Al Ahly.
Ukuhamba kukaMosimane kuzovula isikhala esikhulu eqenjini njengoba aziwa njengomqeqeshi ophumelelise iqembu emlandweni waleli qembu lebhola.
UMotsepe uthe uMosimane kanye nonkosikazi wakhe uMoira Tlhagale ongumuntu obejwayele ukwenza eminye imisebenzi, uthe ukumbeka indlebe mayelana nezinxoxo zabo neqembu lase-Egypt.
“I-Sundowns ibinolwazi ngezinxoxo eziphakathi kukaMosimane neqembu lase-Egypt kanye namanye amaqembu aseNyakatho neAfrika,” kusho uMotsepe.
UMotsepe uthe uthole incwadi ezithobile enokukhathazeka ephuma kuPitso kanti uyaziqhenya ngakho konke okuzuzwe yi-Mamelodi Sundowns.
UMosimane ushiya I-Sundowns ngemuva kokuthi iwine kwisizini eyodwa kubalwa i-Telkom knockout, i-Nedbank Cup kanye ne-ABSA Premiership.
“UPitso ubengumqeqeshi ophumelele emlandweni we-Sundowns futhi uyohlezi eyilungu lomndeni we-Mamelodi Sundowns. Ngifisa sengathi yena, uMoira kanye nomndeni wakhe wonke uphumelele kukho konke kanti ngyafisa ukumbona eqeqesha e-Europe kungekudala,” kusho uMotsepe.