UMosimane useyocija i-Al Wahda

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UPitso Mosimane useyoqeqesha i-Al Wahda FC edlala ngaphansi kwe-UAE Pro League.

Ngemuva kokushiya kwakhe kwi-Al Ahli yase-Saudi Arabia, lo mqeqeshi owake waba ngumphathi weMamelodi Sundowns usezoqala uhambo lwakhe olusha njengomqeqeshi omkhulu. 

Iqembu lakhe elisha ligqame emazweni ase-Arab kanti selinqobe izicoco ezine emlandweni walo. Nokho ukunqoba kwabo kokugcina kweligi kwenzeka eminyakeni engu-13 edlule okwaletha ushintsho olukhulu eqenjini.

“Inkampani ye-Al Wahda FC isisayine nomqondisi wezobuchwepheshe wakuleli uPitso Mosimane ukuhola iqembu lokuqala njengomqeqeshi omkhulu,” kusho isitatimende seqembu.

“Ibhodi labaqondisi beqembu liyamamukela uMnu Mosimane ekhaya lompetha, simfisela impumelelo ekusebenzeleni ubuholi beqembu, ukuphatha kanye nokubhekana nezifiso zabalandeli.”

Njengamanje uMosimane ukuleli kanti usanda kwethula izikole zakhe ezintsha ezifundisa ngebhola.

Ukuxhumana kwakhe neKaizer Chiefs namanye amaqembu e-PSL angeke kusenzeka njengoba sekusele isikhathi esincane ukuthi abhekise amabombo e-Middle East ukulungiselela inselelo yakhe entsha.

Osesithombeni ngenhla: UPitso Mosimane

Umthombo wesithombe: @kiddy871

Izihloko zakamuva