
Menzi Magubane
Umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, udinwe ugane unwabu ngeqembu lakhe lakudala i-Mamelodi Sundowns kodwa ngaphezu kwakho konke, ucikwe ngabalandeli bayo.
Ekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lakhe lihlulwe yi-Downs ngo 1-0 ngempelasonto emdlalweni ka-Group A we-CAF Champions League, uMosimane usole i-Downs ngokususa udweshu njalo uma ezodlala nayo eNingizimu Afrika.
“Kubuhlungu ukuthi iqembu elikhulu njengalo libe nokungcola,” kusho uMosimane esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
Intukuthelo kaMosimane ayizange isuswe ukuhlulwa kweqembu lakhe ngesikhathi lidlala na-Masandawana ngoMgqibelo kodwa kunalokho isuswe okwenzeke ngaphambi komdlalo. Abalandeli be-Sundowns baphinde benza abadume ngakho babambezela ibhasi le-Red Devils ngesikhathi liya enkundleni yezemidlalo i-FNB.
I-Sundowns isiqale uphenyo ngalolu daba yathi abalandeli abathintekayo bazojeziswa kanzima.
“I-Mamelodi Sundowns izothatha izinyathelo ezinqala zokuqondiswa kwezigwegwe okuhlanganisa nokuvimbela abalandeli abathintekayo ukuthi bahambele imidlalo ezayo uma izikhalo ze-Al Ahly ziyiqiniso,” kusho isitatimende seqembu.
Lo mqeqeshi (57) wengeze ngokuthi uzodalula “iqiniso” nge-Sundowns encwadini yakhe ezokhuluma ngakho konke kanye nakwidokhumentari yakhe.
“Kuhlezi kunezinxushuxushu uma ngiza lapha. Angifuni ukukhuluma kakhulu nge-Sundowns. Ngizonitshela ukuthi kwenzekaleni ngesikhathi sidlala ne-Sundowns ngesonto eledlule e-Cairo.”
Uqhube wathi ziningi izinto eziholele ekutheni ubudlelwano bube bubi phakathi kwakhe nezikhulu eziphezulu eqenjini lakhe lakudala kodwa uthe akafuni ukukhuluma ngazo okwamanje.
“Ngizokhuluma encwadini yami nakwidokhumentari yami futhi nizothola ukushaqeka okukhulu ngokwenzekayo,” kusho uPitso.
“Ngisho namanje, basangisukela. Abafuni ukungiyeka phansi. ngiqhubekele phambili.”
Uthe baneqembu elihle nabaqeqeshi abathathu futhi kumele baqhubekele phambili.
“Sengihambile. Ngenze konke okusemandleni ami, ngininike iqembu elikhulu. Kungani ningilandela? Yini enifuna ukuyizuza?” kwengeza umqeqeshi ohloniphekile.
Umthombo wesithombe: @KingFut