UMosimane uphika amahlebezi okufuduka kukaLorch

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umqeqeshi uPitso Mosimane uzithele ngabandayo ngamahlebezi asabalele amatanisa uThembinkosi Lorch neqembu lakhe lase-Saudi Arabia elidlala ku-First Division i-Al-Ahli.

ULorch ongumdlali wasesiswini weBafana Bafana akazinzile kwi-Orlando Pirates futhi usadlale imidlalo emihlanu kuphela kule sizini.

Ngasekuqaleni kwenyanga umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro ukuqhubekisele phambili ukuqagela kokuthi uLorch angase aphume ngesikhathi ebonakala engenandaba nokwazisa ngempilo yalo mdlali. Lo mdlali uye wahlinzwa ngoLwezi.

Ngesonto eledlule i-ejenti yakhe uJazzman Mahlakgane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeke akwazi ukucacisa ngesimo seklayenti lakhe.

Njengoba kwanda izinkulumo zokuthi lo mdlali usezofudukela e-Middle East, uMosimane usheshe wakuphika lokhu ngoMsombuluko.

“Uma i-Al Ahli ifuna uThembinkosi Lorch, uSihlalo uKhoza nami singaba ngabokuqala ukwazi ngalokho,” kusho lo mqeqeshi owake waqeqesha iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly ekhasini lakhe laku-Twitter.

“Akekho ozokwazi kuze kube i-Orlando Pirates imemezele ukuthi isivumelwano sesenziwe. Uma lezi zindaba ziyiqiniso mina angizazi.”

EzikaMosimane ziqale unyaka  ngegiya eliphezulu ngesikhathi ziwina ngo 2-0 zibhekene ne-Al-Shoula. Njengamanje iqembu lakhe lihlezi endaweni yesithupha etafuleni ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-13.

I-Al Ahli izobhekana nezingqungqulu ze-log i-Al-Faisaly esiqoqe amaphuzu angu-30 ngoMgqibelo kanti kulokho ongoti bakholwa ukuthi kuzoba umdlalo onzima kwi-log kwi-Saudi Pro League.

Esithombeni esingenhla: UThembinkosi Lorch noPitso Mosimane

Umthombo wesithombe: Backpage

Izihloko zakamuva