Menzi Magubane
Kungenzeka yini ukuthi uPitso Mosimane abheke emaqenjini akwi-DStv Premiership ngemuva kokushiya i-Al Ahly?
UMosimane usanda kucashunwa ethi amaqembu amakhulu akuleli kuzomele amkhokhele u-R2 million noma imali engaphezulu njalo ngenyanga uma emufuna.
“Lokhu akukho mayelana nokuthengwa. Ufuna ukungitshela ukuthi i-Mamelodi Sundowns, i-Kaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates abanayo imali yokukhokhela umqeqeshi?” kubuza umqeqeshi we-Al Ahly.
“Cha, thina esikhuluma ngakho ukuthi asikwazi ukukhokhela umqeqeshi u-R2 million njalo ngenyanga. Kodwa uma kunabaxhasi singakwenza.”
Umbuzo uthi iliphi iqembu elizimisele ukumkhokhela leyo mali? Njengamanje uMosimane uhola u-R2.5 million njalo ngenyanga e-Egypt ngemuva kokwelula inkontileka yakhe ne-Red Devils ngoNhlolanja.
UPitso uphakamisa ukuthi usekulungele ukukhokhelwa noma yiliphi iqembu le-DStv Premier elimfunayo. Kungase kube umbuzo omkhulu njengoba lingekho iqembu kuleli elikhokhela abaqeqeshi balo imali engaka.
Umphathi ohola kakhulu njengamanje nguManqoba Mngqithi we-Sundowns ohola u-R750 000. Omlandelayo ngu-Eric Tinkler kwi-Cape Town City ohola u-R650 000.
Ngaphambi kokuthi laba bobabili kube ibona abahola kakhulu kunabanye abaqeqeshi kwakukhona uStuart Baxter engumqeqeshi we-Chiefs ehola u-R800,000 noJosef Zinnbauer owayegijima kwi-Pirates wayehola u-R650,000 laba bobabili kwakwibona abahola kakhulu.
Kungenzeka yini kube neqembu le-Premiership elingase lizame ukukhokha u-R2 million ngomsebenzi kaPitso?
Mhlawumbe uMosimane kukhona akwaziyo esingakwazi.
Mhlawumbe usezingxoxweni nelinye lamaqembu awabalile futhi uyazi ukuthi angamnika lokhu akufunayo.
UMosimane ungumqeqeshi owaziwayo futhi ohlonishwayo e-Afrika kwazise nempumelelo yakhe iyazikhulumela. Noma iliphi iqembu kwi-premiership lingaba nenhlanhla yokuba naye. Mhlawumbe ukuba khona kwakhe nje eqenjini kungenza lelo qembu lithandeke ngabaxhasi balo.
Umthombo wesithombe: @Citypress