UMosimane ufanele ukuhlonishwa yize ehluliwe – kusho uMengameli we-Al Ahly

Menzi Magubane

I-Al Ahly inikele ngesicoco se-Egypt Premier League ku-Zamalek ngoLwesibili ebusuku, kodwa uMengameli we-Al Ahly u-El Khatib ukhombise ukweseka umqeqeshi uPitso Mosimane.

I-Red Devils idlale ngokulingana ngo 3-3 ne-El Guona kwathi i-Zamalek yanqoba ngo 2-0 ibhekene ne-El-Entag El-Harby ukubanga isicoco seligi se-13.

“Simethemba ngokuphelele umqeqeshi uPitso,” kusho uKhatib ekhasini leqembu le-Twitter.

“Bekuzoba wuhambo olude kakhulu kuMosimane neqembu lakhe ukuvikela isicoco sabo ngeziphazamiso eziningi kangaka ezikhona”.

Ompetha base-Egypt bebencintisana kwi-FIFA Club World Cup lapho abathole khona indondo yethusi.

NgoNhlolanja baphinde baqala umdlalo wabo wokuvikela isicoco se-CAF Champions League. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva bamisa imidlalo yabo yeligi yasekhaya ukuze badlale kwi-CAF Super Cup – abayinqobile.

Sekukonke kulonyaka i-Al Ahly isidlale imidlalo engama-47, kubalwa nowangoLwesibili ebusuku, ngaphandle kokuphumula. Ngenkathi bematasa nale mincintiswano, i-Zamalek ibigxile kwiligi kuphela ngemuva kokuthi ikhishwe zisabekwa nje kwi-Champions League.

Ekugcineni i-Ahly iye yehluleka njengoba ukulimala nokukhathala kubalahlekisele ngesicoco seligi. Basalelwe umdlalo owodwa ngaphambi kokuthi i-Egypt Premier League iphele ngoLwesihlanu, kanti leli qembu lizoqeda endaweni yesibili.

Kubadlali bakhe u-El Khatib uthe: “Phakamisani amakhanda enu. Siyaziqhenya ngani nonke”.

Abalandeli bayayithokozela imizamo yabo futhi bazohlezi bebaxhasa,  esho.

“Nibajabulisile futhi lokho kuyisibopho senu kubo”.

Ngemuva komdlalo wangoLwesibili uMosimane uthe: “I-Al Ahly iyiqembu elikhulu. Sizodlula kulokhu sibuye ngamandla”.

Sekukonke, uMosimane wakuleli usewine izindebe ezinhlanu nalabompetha base-Egypt selokhu abajoyina ngoMandulo odlule.

Umthombo wesithombe: @alahlysc

Izihloko zakamuva