UMosimane akeneme ngesinqumo se-Champions League

Menzi Magubane

UPitso Mosimane obekhombisa ukuphoxeka ungene ku-Twitter kulandela isimemezelo sokuthi umdlalo wamanqamu we-CAF Champions League uzoba e-Morocco iminyaka emibili zilandelana. Lo mdlalo uzoba  ngomhlaka-30 kuNhlaba.

Amahlebezi wokuthi iNingizimu Afrika izoqokwa njenge ndawo ezosingatha lo mdlalo aye akhula emasontweni adlule kanti umqeqeshi we-Al Ahly, nezinkulungwane zabalandeli bebhola kuleli, bacasukile sebezwa   izindaba zokuthi lokhu akusilo iqiniso.

“Ngemuva kokuphothulwa kwemidlalo yamaqoqo e-CAF Champions League, amahlebezi abethi iNingizimu Afrika izosingatha lo mdlalo,” kusho uMosimane.

UMosimane uqhube wathi iNingizimu Afrika yiyona okufanele isingathe lo mdlalo kune-Morocco, njengoba iqembu lase-Morocco i-Wydad Casablanca, lingene ngonyawo olulodwa kowamanqamu.

“Engikushoyo ukuthi kumele kube khona inkundla engathathi hlangothi,” kusho uMosimane.

I-Ahly ihamba phambili ngo 4-0 ngemuva kokushaya i-ES Setif yase-Algeria ekuhambeni emlenzeni wokuqala, kwathi ompetha base-Morocco i-Wydad yehlula i-Petro de Luanda ngo 3-1 e-Angola ngempelasonto edlule.

Okukhathaza uMosimane wukuthi uma i-Wydad idlulela kowamanqamu, izoba nethuba elihlukile lokudlala ekhaya.

Lo mqeqeshi owazalelwa e-Krugersdorp kusele kancane enze umlando ebholeni lase-Afrika, njengoba esekulungele ukuhola iqembu ekutheni linqobe isicoco se-Champions League okwesithathu, kanti yinto engakaze yenziwe yinoma yimuphi umqeqeshi phambilini.

Iqembu lama-Red Devils linqobe nomqeqeshi walo kanti seliveze ukuthi selibhalele i-CAF.

Incwadi eya kuMengameli we-CAF, uPatrice Motsepe, iveze ukuthi umdlalo wamanqamu akufanele ubanjwe ngelinye lamazwe ala maqembu amane asaqhudelana kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano.

Izihloko zakamuva