UMoonchild ne-albhamu entsha 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Osanda kunandisa e-Coachella uMoonchild Sanelly ubonakale esebenza kwi-albhamu yakhe elandelayo esitudiyo sokuqopha eGoli.

Ukucula edilini lomculo elidume kakhulu emhlabeni kuveza ukukhuphuka okukhulu kwalo mculi kule minyaka embalwa edlule. Kule minyaka eyishumi edlule ucule ehambisana namaciko afana neGorillaz, uBusiswa kanye noBeyonce kwi-albhamu yakhe ethi-Black is King.

Exoxa ngendlela yakhe yobuciko ne-Scrolla.Africa uthe: “Engihlezi ngikunakile kwezobuciko inkululeko, ukukhululwa kwabantu abangakhululekile emhlabeni: ikakhulukazi abesifazane kanye nayo yonke into umphakathi oyigwemayo noma osivimba ukuthi sikwenze. Ngakho ngimela izimvu ezimnyama.”

Lo mculi (35) uphuma emndenini womculo. Umama wakhe ungumculi we-jazz kanti umfowabo ungumdidiyeli we-hip-hop nokuyinto eyenza ukuthi ezobuciko zibe isinqumo esilula kuMoonchild.

Lo mama wezingane ezimbili uthi uhlezi etshela amadodakazi akhe ukuthi angaba yinoma yini afuna ukuba yikho njengoba naye ekuqinisekisile lokho emsebenzini wakhe. Uye washintsha kalula ekubeni umculi waba umsiki wengqephu wabe esegcindezela imikhawulo yendlela yokugqoka eyamukelekayo kulowo mkhakha.

Uthe uncamela ukuba sesimweni lapho angaqondakali khona kunokwenza into engamvezi ngendlela elungile.

Njengamanje usebenza kwi-albhamu yakhe elandelayo aqale ukuyiqopha e-Malawi ekuqaleni kwalo nyaka ngaphambi kokunandisa e-Coachella futhi uzoqedela le albhamu yakhe kwenye ingxenye yomhlaba: edolobheni elingasolwandle i-Margate e-United Kingdom.

Lapho uzobe esebenza noSantigold njengomdidiyeli wakhe.

UMoonchild uyaziqhenya ngokusebenza nabanye abantu besifazane kanye nabantu abayizingqalabutho ngoba ukholelwa ekutheni leyo indlela yokwenza iqembu eliphumelelayo.

Esithombeni esingenhla: UMoonchild Sanelly

Izihloko zakamuva