Umonakalo kaR35 million ngezibhelu zaseTembisa

Everson Luhanga

Ulinganiselwa kuR35 million umonakalo odalwe umbhikisho waseTembisa, ngokusho kweMeya yaseKurhuleni uTania Campell.

Kulo mbhikisho kushone abantu abane.

UCampell uhambele leli lokishi namhlanje eyohlola umonakalo, wabe esenxusa umphakathi ukuthi ungalimazi ingqalasizinda ngoba yakhiwe ngenhloso yokusiza wona.

Isikhungo esisiza umphakathi, i-Community Civic Centre icekelwe phansi, kanti kukhona nezimoto ezishisiwe. 

Abahola impesheni sekumele bavuke ekuseni ngovivi bayoma ulayini e-Germiston bahambe imizuzu engu-40, amakhilomitha abalelwa ku-33 km ukusuka elokishini labo ukuze bathole imali yabo yempesheli.

UCampbell ubehamba nabaqaphi njengoba ethole isixwayiso ezinkundleni zokuxhumana zokuthi angalinge alibhade elokishini okuhlanganisa nezinsongo zokuthi uzoqhunyiswa ngebhomu likaphethiloli. 

Imigqwaqo yase-Tembisa ibishaya umoya namhlanje. Kunokunyakaza kwabantu nabashayeli bezimoto sebeyakwazi ukushayela emgwaqeni ngaphandle kokuthi baphindele emuva noma baphucwe imali ilabo abasizakala ngemibhikisho.

IMeya ithe ithathe isikhathi ukuhlangana nezakhamuzi ngoba bekumele iqhamuke nesixazululo esibambekayo kwizikhalazo zawo.

Izakhamuzi zase-Tembisa zikhala ngezindleko zikagesi namanzi okumbeqolo.

Imfucuza egcwele kuleli lokishi ikhombisa ukuthi ezinsukwini ezedlule lendawo ibiguqe ngamadolo.

Umgqugquzeli walo mbhikisho ophinde abe uSihlalo we-Tembisa Community Forum uZamani Sithole uthe kuyadabukisa ukuthi umphumela wombhikisho udale ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yedolobha.

“Bekungekho ezinhlelweni zethu ukucekela phansi isikhungo ngesikhathi sibhikisha. Lokhu kwenzeka ngoba asikwazi ukulawula izenzo zabantu uma bebhikisha.”

Uthe iMeya ithembise ukuthi kuzokwakhiwa izikhungo zesikhashana kuleli lokishi. “Sinesinye isikhungo e-Tembisa esise-section 2 endaweni ebizwa nge-Winnie Mandela.