Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ingaphezu kuka-30 imijondolo ecekelwe phansi ilangabi okusolakala ukuthi livele ngesikhathi izingane zidlala ngeziqhumane emijondolo yase-Barcelona eKapa ngoLwesibili.
Akekho olimalile kodwa umlilo ushiye abantu ababalelwa kwikhulu bengenamakhaya.
Bekushisa kakhulu ngesikhathi uNono Ngodo oyilungu lekomidi lomgwaqo obelele engqongqozelwa izakhamuzi zizomcela ukuthi abize abezicishamlilo.
Ushaye ucingo ephuthuma khona endaweni yesigameko.
“Ngitshelwa ukuthi umlilo uqalwe izingane ebezidlala ngeziqhumane. Kusolwa ukuthi zibase iziqhumane eduze kukamatilasi.”
UNono uthe bebezicelile izingane ukuthi ziyeke ukudlala ngeziqhumane.
“Ngaphambi kokukhuluma nezingane, sicela abanikazi bezitolo ukuthi bangazidayisi iziqhumane. Besizama ukuvimba ukuthi kungenzeki lokhu okwenzeke lapha.
“Sikhulume nezingane ngobungozi bokudlala ngeziqhumane kodwa kuyacaca ukuthi azisilalelanga njengamanje abantu abanamakhaya, ”kusho uNono.
ULizeka Ndabeni (40) ubevakashele umngani wakhe ngesikhathi kuqala umlilo.
“Umakhalekhukhwini wami bengiwushiye endlini. Ngithukile sengibuya ngathola ukuthi umjondolo wami ushile. Akukho okusindile empahleni yami, kuhlanganise nezimpahla zesikole zezingane zami,” kusho uNdabeni.
Akazi uzoshonaphi nomndeni wakhe.
“Ngihlala nezingane zami ezintathu. Izolo silale ezindlini zabanye abantu, kodwa ngeke sikwazi ukuqhubeka senza lokho.”
Ezinye izisulu zihambe zayolala kumalungu omndeni.
Mayelana nokwakha kabusha, “Sidinga usizo ngoba asinayo imali yokuthenga izinto zokwakha ezintsha.”
UJermaine Carelse, okhulumela i-City’s Fire and Rescue Service uthe bathole ucingo oluphuthumayo ngo-14:10 ngemijondolo eshayo e-Barcelona.
“Abasebenzi bethu bakwazile ukucima umlilo ngo-16:30, kanti imbangela yomlilo ayikaziwa. Abekho abalimele noma abashonile ababikiwe,” kusho uCarelse.
Esithombeni esingenhla: Umlilo okubikwa ukuthi udalwe iziqhumane washiya abantu abangaphezu kuka-100 bengenamakhaya.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze