Lubhalwe nguLungani Zungu
Ezinye izingxenye KwaZulu-Natal zisazama ukubuyela esimeni ngemuva kokuzamazama komhlaba amahlandla amabili: okwenzeke ngoMgqibelo nangeSonto.
ITheku nezinye izindawo ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal okubalwa kuzo Eshowe, eNkandla kanye naseMtubatuba kuthiwa zikuzwele kude ukuzamazama komhlaba.
Kubikwa ukuthi ukuzamazama komhlaba kuphephule uphahla lwesikole samabanga aphezulu iSiyaphambili, eMtubatuba – ngesikhathi abafundi bebhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
Ukuzamazama komhlaba kushiye umonakalo. Imigwaqo ivalwe izingodo ezikhishwe ukuzamazama komhlaba.
Izakhamizi eziningi KwaZulu-Natal zingene ezinkundleni zokuxhumana zabelana ngezigigaba zazo ezishaqisayo.
Isakhamuzi saseMtubatuba uNksz Thandeka Mthethwa, uthe amawindi endlu yakhe abhodlozwe umoya onamandla.
“Bengicabanga ukuthi indlu yethu izobhidlika. Angikaze ngiyibone into enje empilweni yami. Namanje ngisathuthumela,” esho.
Isakhamuzi sase-Richards Bay uMnu Thabo Mchunu, uthe ukuzwile ukuzamazama komhlaba.
“Ngiqale ngaxakeka ukuthi kwenzakalani ngase ngiya kumakhelwane wami ongitshele ukuthi naye ukuzwile ukuzamazama komhlaba.
Lesi sifundazwe sisakhungathekile ngenxa yezikhukhula zangoMbasa ezihambe nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-400 ngesikhathi abanye abaningi besala bengenamakhaya. Izisulu eziningi zisahlaliswe emahholo omphakathi.
Uhulumeni wesifundazwe saseKZN uthe usubize ongoti ukuthi babachazele ngalokho abakubiza ngokuthi “ukuzamazama komhlaba okuncane.”
“UMnyango uxhumana nawo wonke amathimba abhekelele izinhlekelele ezifundeni ukuhlola ukuthi awukho yini umonakalo owenzekile kwingqalasizinda. Okwamanje bekungakabikwa bantu abalimele noma abashonile,” kusho uMnu Sihle Zikalala onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta).
Isazi sesimo sezulu esizimele uDkt Angelo Hoorn ulinganise ukuzamazama komhlaba kwangoMgqibelo ngokuthi cishe kungu-4.6 magnitude, ngokusho kwephephandaba i-Citizen.
Esithombeni esingenhla: Umonakalo okusolakala ukuthi udalwe ukuzamazama komhlaba esikoleni samabanga aphezulu iSiyaphambili, eMtubatuba