
Sizwe Sibiya
UKing Monada ongumnikazi wengoma ethi-Idibala, ngeSonto ucele umama wezingane zakhe ukuthi amshade, ngosuku olwandulela usuku lwezithandani.
“Sesineminyaka eyishumi sindawonye futhi bekungelula ngaso sonke isikhathi, kodwa bekufanelekile,” kusho uMonada kwi-Instagram.
“Sikulungele ukuhlala ndawonye ishumi leminyaka isikhathi eside.”
Umbhalo wakhe wokuqala ukhombisa izithombe ze-picnic abeyenzile nentombi yakhe, kwathi ngeSonto kwavela ividiyo lapho kade eguqe phambi kwesithandwa sakhe.
“Uma ungitshela ukuthi uyangithanda, ngingahle ngingakukholwa. Kodwa uma ungikhombisa ukuthi uyangithanda, ngiyakholwa,” kubhala uMonada.
Abanye abaculi nabalandeli baqale ukuhalalisela uMonada onengoma ephakamise imibuzo eminingi ayikhiphe ngeledlule esihloko sithi-Ex Yaka, lapho acula khona ngokudukelwa ngowayethandana naye.
“The King! Siyabonga qhawe lethu!” kusho umculi ophinde abe ngumsunguli we-Inkabi Records uBig Zulu, ehalalisela uMonada ngesithembiso somshado.
Umthombo wesithombe: Twitter