Lubhalwe nguRazeen Gutta
URulani Mokwena njengomqeqeshi weWydad Casablanca uqale kabi njengoba ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni bebhekene ne-Maghreb Fez emdlalweni wokuvula weBotola Pro League.
Lo mqeqeshi obephethe iMamelodi Sundowns ukholelwa ukuthi iWydad ibhekane nobunzima ngemuva kokuba uHamza El Janati esize iqembu ebelingamele umdlalo lanqoba ngephenalthi.
“Ngiphatheke kabi, angithandi ukulahlekelwa futhi angithandi ukuhlulwa,” kusho uMokwena kwi-iDiski Times.
“Babe izimbangi ezinhle enkundleni, ngakho-ke siyabahalalisela. Yilokho okubaluleke kakhulu esingakusho, ukubahalalisela.”
UMokwena uthe ujabule ngendlela iqembu elenze ngayo futhi kuzothatha isikhathi ukulihlanganisa.
“Bekuwumdlalo onzima. Ngesiwombe sesibili sidlale kangcono kakhulu. Ubuhlungu babalandeli ubuhlungu bethu, siyazi ukuthi iqembu libhekene nani. Kube amasizini amabili anzima kuthina. “
“Kodwa besikwazi lokho ngaphambi kokuthi size lapha. kuwuhlelo yingakho sisayine inkontileka yeminyaka emithathu, akunjalo? Sifuna ukuba lapha, sifeze umsebenzi futhi sishiye iqembu lingcono kunalokho esikutholile. Futhi sizokwenza.”
Osesithombeni esingenhla: URulani Mokwena.
Umthombo: @tumi__joy