Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, usezohoxa esikhundleni sakhe kungakapheli ngisho unyaka esayine isivumelwano esisha.
Ngokubika kwe-SABC Sport ukuphazamiseka kobudlelwano bukaMokwena nomqondisi wezemidlalo uFlemming Berg yikho okuholele ekutheni lo mqeqeshi ashiye inkontileka yakhe kuleli qembu.
UBerg, owake wasebenza njengenhloli yamazwe e-Chelsea, ujoyine amaBrazilians ngoMbasa 2022 ngesikhathi uMokwena ebambisene kanye noManqoba Mngqithi njengomqeqeshi.
Umbono kaMokwena uma kukhulunywa ngokudayiswa kwabadlali kubikwa ukuthi awuhambisani nokaBerg, ohola lo mnyango.
I-SABC Sport yengeze ngokuthi uMokwena ubengekho e-Chloorkop ngesikhathi abadlali bebuyela ku-pre-season ngoMsombuluko. Nokho ukuhamba kwakhe kusazomenyezelwa ngokusemthethweni yiqembu.
Imithombo esondelene neqembu ithe sekuseduze kakhulu yize kusaxoxwa ngemibandela yesivumelwano.
“Nakanjani uyashiya eqenjini,” kusho umthombo osondelene neqembu ku-SowetanLive.
“Okwamanje kumayelana nokuvumelana ngemibandela yokunqanyulwa kwenkontileka. Akakayihambisi incwadi yokwesula kodwa utshele iqembu ngesifiso sakhe sokushiya.”
“Akazange aye [ekuqeqeshweni] ngoba utshele iqembu ukuthi ufuna ukulishiya. Ngakho-ke, i-ejenti yakhe kumele ihlangane neqembu ukuze kuphothulwe ukuhlukana, nokuthi isiphi isinxephezelo okufanele asithole ngoba usenenkontileka neqembu.”
Osesithombeni ngenhla: URhulani Mokwena.
Umthombo: @vusizwe_langa