UMokwena usewuqalile umsebenzi kwi-Wydad Casablanca

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi omusha we-Wydad Casablanca uRhulani Mokwena uhlanganisa ithimba lakhe lochwepheshe futhi angase alethe umakadebona womqeqeshi u-Allan Freese e-Morocco. 

UMokwena, oqinisekiswe njengomqeqeshi we-Wydad ngeledlule, uke wasebenza noFreese eqenjinii le-Free State Stars.

UMokwena unikezwe umsebenzi oyimvela kancane wokuzikhethela umqondisi wakhe wezemidlalo. 

“Nginikezwe umsebenzi wokukhetha umqondisi wezemidlalo kanye nethimba lezobuchwepheshe futhi ngithobekile ngalokho,” kusho uMokwena emsakazweni i-Metro FM. 

“Enkontilekeni yami ngizoba nenhlolokhono nomqondisi wezemidlalo kanye nabaqondisi. Okubalulekile ukubeka iqembu phambili.”

Leli thuba liqhamuke ngemuva kokuthi uMokwena angaboni ngaso linye nomqondisi weMamelodi Sundowns, uFlemming Berg, okuholele ekutheni ayishiye iSundowns.

UMokwena useqinisekise ilungu leqembu lakhe lokuqala le-Wydad, owayengumqeqeshi weqembu le-Reserve kuMamelodi Sundowns, uSinethemba Badela.

“Mina nomqeqeshi uThemba sesibuke abadlali abangaphezu kuka-500 ezinkundleni ezahlukene.  Mkhulu umsebenzi futhi senza ukuhlaziya okuningi,” kusho uMokwena. 

“Ngigxile kakhulu emsebenzini wami futhi ngiyibheke ngabomvu inselelo. Ngenza lo msebenzi ngoba ngiwuthanda, hhayi ngenxa yemali. Kuleli sonto lonke bengibukela amaqembu eWydad academy ngoba iqembu elikhulu alikaqali.”

IWydad ngeke idlale ku-CAF Champions League ngesizini ezayo ngemuva kokuqeda endaweni yesithupha ku-Moroccan Botola League ngesizini edlule. 

Nokho bawubheke ngabomvu oweNdebe yoMhlaba ye-Fifa yango-2025 ngonyaka ozayo, okuzoba yisivivinyo esikhulu kuMokwena njengoba ezobe eseqeqesha leli qembu iWydad.

“Asiqinisi nje iqembu ngenxa yemiqhudelwane yasekhaya, kodwa senzela iNdebe yoMhlaba okuyona esigxile kakhulu kuyo,” kusho uMokwena. 

Uthe akazimisele ngokusayinisa abadlali beqembu lakhe lakudala, iSundowns, ngaphandle uma benikezelwa noma bededelwa yiqembu.

Esithombeni ngenhla: Umqeqeshi omusha weWydad Casablanca uRhulani Mokwena.

Umthombo: Wydad Casablanca

Izihloko zakamuva