Lubhalwe nguMichael Madyira
Ubhekene nobunzima umqeqeshi weWydad Casablanca, uRhulani Mokwena, e-Morocco.
Iqembu lakhe selinqobe kabili, ladlala ngokulingana kabili, laphinde lahlulwa kowodwa umdlalo kwi-Botola Pro League kule sizini.
NgoLwesibili, iWydad ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni i-Jeunesse Sportive Soualem kowendebe, okwenza izinto zaba nzima kuMokwena.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iMamelodi Sundowns ubekhala ngonompempe nokumfake enkingeni.
“Engifuna ukukusho ku-FA yase-Morocco, kumphakathi neziphathimandla ukuthi ngizimisele ngo-100% ukubona ibhola lithuthuka kuleli,” kusho uMokwena exolisa ngokuphawula kwakhe ngonompempe.
UCassius Mailula, naye ose-Wydad, akakashayi igoli emidlalweni emine.
E-Egypt uFagrie Lakay ubolekiswe ku-Cleopatra FC i-Pyramids ngemuva kokuhlohla amagoli ayisishiyagalolunye ngesizini edlule.
UKhanyisa Mayo usedlale imidlalo emihlanu ku-CR Belouizdad yase-Algeria.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos akathandi abadlali baseNingizimu Afrika baye eNorth Afrika, etshela u-Oswin Appollis.
“Ngamtshela ngoMandulo sisekhempini, ngiyazi ukuthi imali ikhona, kodwa akulona iqembu elikulungele leliya,” kusho uBroos.
“Ngiyajabula ukuthi usekwiPolokwane City, uzohlale edlala khona, okuyinto enhle, uyabona ukuthi kwenzekani ngoMayo ongadlali.”
UBroos uthe isimo sebhola eNorth Afrika sihlukile kwesaseNingizimu Afrika.
“Akuyona nje ikhwalithi yakho ebalulekile kodwa futhi nengqondo yakho. Kufanele uvumelane nalowo mcabango, futhi lokho akulula.”
E-Tunisia, u-Elias Mokwena usedlale imizuzu engu-53 emidlalweni emithathu ye-Esperance, yonke njenge-sub.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weWydad Casablanca uRhulani Mokwena.
Umthombo: Wydad Casablanca