UMokoena ushaye amabili iBafana iguqisa iCongo ngo-5-0

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBafana Bafana inyukele esicongweni ku-Group K emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2025 kulandela ukunqoba okumangalisayo ihlula i-Congo-Brazzaville ngo 5-0 eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu.

Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uTeboho Mokoena, ukhombisile ukuthi ungumdlali onamandla ngemuva kokuphuthwa imidlalo emihlanu engadlali wabuya esezoshaya amagoli amabili, elokuqala alishaye emva komzuzu ka-12 ngaphambi kokuthi aphinde ashaye elinye igoli ngomzuzu ka-27.

UBathusi Aubaas ushaye igoli lakhe lokuqala egqoke imibala yeqembu lesizwe ngesikhathi enyusa amaphuzu aba ngu -3-0 ngomzuzu ka-37 ngaphambi kokuthi uLyle Foster akhuphule osokhaya ngemuva kwemizuzu eyisikhombisa kuqale isiwombe sesibili.

Njengoba bese kusele imizuzu engu-12 kuphele umdlalo, u-Iqraam Rayners ongene esuka ebhentshini ushaye igoli elibalulekile njengoba iBafana inyukele esicongweni ku-Group K yadlula i-Uganda, eshaye i-South Sudan ngo 1-0 phambilini.

Ngalobu busuku uThemba Zwane ubedlala umdlalo wakhe ka-50 kuBafana, futhi bekuwukunqoba okukhulu kweNingizimu Afrika ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos.

Abalandeli abaqinisekisiwe ukuthi bangu-36,800 bafike ngobuningi babo ukuzosekela iBafana e-Gqeberha kanti abafana bakaBroos benze kahle ngokunqoba okugculisayo beshaya i-Congo ehlezi endaweni yesithathu.

UMokoena uvule indlela kusihlwa ngesikhathi eshaya ibhola ebelisuka ekhoneni ku-Oswin Appollis.

Lo mdlali wasesiswini kuMasandawana ube esesondela ngasenethini futhi wakhahlela engaseceleni kwebhokisi, washaya igoli lakhe lesibili.

Ngemuva kwalapho unompempe wase-Mauritania, uDahane Beida, umise isikhashana umdlalo genxa yezokuphepha njengoba abanye abalandeli bengene enkundleni.

UBroos unxuse abalandeli ukuziphatha kahle ngesikhathi umsizi wakhe uHelman Mkhalele ethatha umbhobho ekhuluma nezihlwele, umdlalo waphinde waqhubeka ngemuva kokuqinisa ezokuphepha.

U-Appollis ube ngumhlinzeki wesithathu kodwa kulokhu ibhola lakhe lekhona lihlale ekhanda lika-Aubaas.

Usongo lokuqala lwezivakashi lokushaya igoli liqhamuke sekuzoyiwa ekhefini ngesikhathi uRonwen Williams etshuza evimba ibhola likaVieljeux Mboungou.

IBafana iyona ebilawula umdlalo kwathi u-Elias Mokwana wahluleka kabili ukusebenzisa amathuba amahle kodwa ukwazile ukusiza uFoster ashaye igoli.

URayners ube esehlomula ngephutha likanozinti we-Congo uChristoffer Mafoumbi omphasele ibhola ngephutha wabe eselifaka enethini.

Esithombeni ngenhla: UTeboho Mokoena ehlangene nozakwabo kuBafana Bafana bebungaza igoli lakhe bebhekene ne-Congo-Brazzaville.

Umthombo: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva