UMohafe usechaze ngocingo alushaye phakathi nomdlalo neSundowns 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe, usechazile ukuthi kungani ebambe ucingo ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wama-quarter final e-MTN8 ngeSonto.

Ukushaywa kwePolokwane ngo 1-0 ihlulwa amaMasandawana eLucas Moripe Stadium, kuqhamuke ngemuva kwegoli likaThabang Matuludi alishaye ngephutha ngesikhathi esengeziwe. 

Nokho okudonse amehlo abaningi wucingo olwenziwe uMohafe ngesikhathi esengeziwe. Ube esechaza ukuthi ubexhumana nethimba lezobuchwepheshe leqembu. 

“Njengoba bengifona, kufanele ngithole izeluleko kwamanye amalungu eqembu lami lezobuchwepheshe,” etshela abezindaba.

“Akuwona umbukiso womuntu oyedwa nje kuphela. Ngakho bekudingeka ngishaye ucingo ngiphothule lokho obekusengqondweni yami, futhi bekudingeka ukuthi sikuxoxe ngaphambi kokuba ngenze isinqumo sami sokugcina.”

Kulo mdlalo, uMohafe wengeze ngokuthi ukuqala ngezinga eliphansi kwenze iqembu labe nokuzethemba kodwa ubebona kufanele ukuthi lizimisele kakhulu ngesiwombe sesibili.

“Ukuya ekhefini ngo 0-0, kube kuhle kithina. Senze iphutha elifanayo futhi lokusalela emuva savumela izimbangi ukuthi zithole ukuzethemba. Kube sengathi sithe abahambe bayohlala phansi. 

“Sisalele emuva kakhulu, futhi lokho kubakhungathekisile kancane ngokushintsha abakwenzile okuholele ekutheni unozinti weSundowns [uDenis Onyango] athole ikhadi elibomvu].”

“Bekufanele sishaye amagoli amathathu noma amane kulezo zinguquko, ukube besizimisele kakhulu. Sibe nebhadi ukuthi sibashayele lelo goli ngoba bona abazange balishaye, ngakho ngalokho sizibulale thina.”

IPolokwane izophinde idlale ngomhlaka-14 kuMandulo lapho izodudulana khona naMaZulu FC ePeter Mokaba Stadium kowe-Betway Premiership. 

Osesithombeni ngenhla: UPhuti Mohafe.

Umthombo: @sgegede03

Izihloko zakamuva