UMo Abudu ongumenzi wamafilimu wase-Nigeria wabelana ngamafilimu ase-Nigeria emhlabeni wonke

Arthur Greene

UMo Abudu usememezele ukufika kwakhe emkhakheni we-Netflix ngemuva kokuba inkampani yakhe ibe ngeyokuqala e-Afrika ukusayina i-multi-title film kanye nesivumelwano sikamabonakude nendawo okusakazwa kuyo.

UMogul ungowesifazane ongemuva kwamafilimi ama-Nigeria amaningana aphumelele kanye nemibukiso ekumabonakude kule minyaka edlule futhi uzimisele ngokuletha amafilimu ase-Nigeria emhlabeni wonke.

“Sezadlula izinsuku lapho ngangiphoqelekile ukubuka okuqukethwe iMelika kuphela,” etshela i-New York Times kuleli sonto.

“Akusibona kuphela abenezindaba okufanele zitshengiswe umhlaba.”

Ngesonto eledlule, i-Castle & Castle, umdlalo wabammeli owakhishwa inkampani ka-Abudu, i-Ebonylight, ube ngumdlalo wokuqala ukubukwa eMelika selokhu kwasayinwa isivumelwano ngesizini yehlobo eledlule.

Ngonyaka wezi-2017, umbiko wase-Hollywood wambeka kanye nabesifazane abangama-25 abanamandla nokuzimisela okukhulu kwi-Global Television,” kanti uhambo lwakhe lokuya kwingqungquthela yabezindaba luyathokozisa kakhulu.

Wazalelwa e-London, kodwa abazali bakhe abase-Nigeria. Ngemuva kokuchitha iminyaka eyisikhombisa yempilo yakhe khona, wahanjiswa wayohlala nogogo wakhe edolobheni lase-Ondo.

Ngesikhathi ebuyela eMelika eminyakeni emine uthe, “ngathola ukuthi ngifana nenxusa elingekho emthethweni.”

Ukukhula ebukela umabonakude wase-Melika, u-Abudu uthe wayengababoni nhlobo abantu abamnyama. Ngakho-ke, uthe wagqugquzelwa umdlalo awubona kumabonakude ngonyaka wezi-1980 owawubizwa ngokuthi i-Fame, kanye nomdlalo owawubizwa nge-Landmark ngonyaka wezi-1977 eyayikhiluma ngomlando wokuhlukumeza eMelika.

Ngesikhathi eseneminyaka engama-30, waphindela e-Nigeria waqala wazama ukufeza ikusasa lakhe, waba umphathi emnyangweni wabasebenzi e-Exxon Mobil. 

Noma kunjalo, wayezimisele ngokufeza amaphupho akhe okuqopha imidlalo yase-Nigeria enzele ababukeli base-Nigeria.

Ngaphandle kwesipiliyoni sikamabonakude, wathenga ibhokisi elaligcwele imibukiso ka-Oprah Winfrey, waphinde wenza izifundo zokuba umethuli wezinhlelo kumabonakude waqala wadweba nohlelo lwebhizinisi lakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi, umsebenzi wakhe wamholela ekutheni abe ngowokuqala ukwethula i-Pan-African talk show, i-Moments with Mo.

Akazange agcine ngokufeza amaphupho akhe ngokuqopha imidlalo yama-Nigeria enzela ababukeli base-Nigeria, kodwa wakha le midlalo ngenhloso yokuba ibukwe abantu base-Afrika. Isigaba esilandelayo ukuthi le midlalo igcine ibukwa umhlaba wonke.

Izihloko zakamuva