Umnyango wezeMpilo uchithe izigidi zemali ukhokhela abantu abangasebenzanga

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Sekuphele cishe iminyaka emibili abasebenzi abangu-45 basesibhedlela i-Orsmond TB e-Kariega, e-Eastern Cape bethola imiholo yabo – kodwa bengayi emsebenzini!

UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape usukhiphe u-R67-million ukhokhela imiholo yalaba basebenzi kusukela ngo-2021.

Isibhedlela savala iminyango yaso ngokusemthethweni ngemuva kwesinqumo somnyango sokwenza lesi sibhedlela esabagula ngengqondo.

Umnyango wayeka ukwamukela iziguli ezinesifo sofuba kulesi sikhungo kunalokho sasibadlulisela esibhedlela iJose Pearson e-Gqeberha.

Lokhu okushaqisayo kuvele ngesikhathi kuphendulwa imibuzo ebuzwe ilungu lephalamende le-DA uJane Cowley ngesikhathi ekhuluma noNgqongqoshe wezeMpilo e-Eastern Cape uNomakhosazana Meth ephalamende lesifundazwe.

Ephendula le mibuzo uMeth uveze ukuthi laba basebenzi bahlanganisa odokotela abangu-28 nabangebona abezempilo abangu-17 abebelokhu beholelwe u-R67-million eminyakeni emibili edlule.

Uthe abasebenzi banqaba ukuthuthwa ngemuva kokuthi uMnyango uyeke ukwamukela iziguli esikhungweni sase-Kariega.

“Abasebenzi banikezwa ithuba lokukhetha izikhungo abangathanda ukuyosebenza kuzo,” esho.

“Uhlelo lwenziwa lwaphothulwa, kodwa abasebenzi abangu-45 banqaba ukuya kwezinye izikhungo ngokwezeluleko abazinikezwa izinyunyana zabo. Uhlelo lokulawula ukungaboni ngaso linye kwezabasebenzi luyaqhubeka.”

Khonamanjalo, umsebenzi okhulume ne-Scrolla.Africa ocele ukungadalulwa igama ukuphikisile ukuthi banqaba ukuya kwezinye izikhungo.

“Asitshelwanga ngalokhu. Umnyango wavele wafika wasitshela ukuthi sizodluliselwa kwezinye izikhungo esifundeni,” kusho umsebenzi.

UNobhala we-Nehawu e-Eastern Cape uMlu Ncapayi uthe inyunyana ikwazile ukuvimba uMnyango ukuthi usebenzise umgomo wokuthi awumkhokheli umuntu ongasebenzanga noma ukunciphisa umholo.

“Safaka isiphakamiso egameni lokuxoxisana nomnyango. Umnyango uthathe isinqumo sokubajezisa wabe usufaka nohlelo lokungabaholeli ngoba abazange babike ezikhungweni ababebekwe kuzo.”

UCowley uthe izibhedlela nemitholampilo esifundazweni zibhekene nenkinga yokushoda kwabasebenzi nokuyinto ephazamisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu.

“Esikhundleni sokuvala lezi zikhala umnyango ukhokhela abasebenzi basesikhungweni esingasebenzi izigidi zemali ekubeni bengasebenzanga nhlobo.”

Esithombeni esingenhla: Isibhedlela i-Orsmond TB e-Kariega

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva