Dylan Bettencourt
Sekuqinisekisiwe umnyango wezempilo ukuthi intsha ebonakala kwividiyo eqoshwe e-Cuba, ngabafundi baseNingizimu Afrika.
Umnyango wezokuxhumana kwamazwe kanye nokubambisana (i-Dirco) kulindeleke ukuthi uphenye ngengxabano ebiphakathi kwaabafundi bakuleli abaya kulela lizwe ukuyofundela ubudokotela namaphoyisa endawo ngaphandle kwasehostela e-Santa Clara.
“Umnyango, usebenzisana nezinye iziphathimandla ezifanele, usuqale uhlelo lokuphenya ngezimo eziholele kulesi sigameko esingesihle,” kusho okhulumela umnyango wezempilo uFoster Mohale.
“Okutholwe ngophenyo kuzokwaziswa bonke abathintekayo, okuhlanganisa nemindeni yabafundi.”
Le vidiyo, edlala imizuzwana engama-30 kuphela ubude, ikhombisa umfundi ehlezi eboshwe izandla ngemuva nephoyisa limbambe entanyeni limshaya esifubeni.
Ividiyo esele ikhombisa abanye abafundi ababili beshaywa ngezimpama ebusweni ngesikhathi amaphoyisa ehudula omunye njengoba kuzwakala umsindo wokubhikisha kuyo yonke ividiyo.
“Abafundi bathi bebenomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa ngaphakathi ehostela.
“Omunye ukhale ngomsindo wabe esebiza amaphoyisa. Esikhundleni sokuvala umculo abafundi bavele bashawa,” kusho abafundi.
Kuthiwa bayingxenye yohlelo lweNelson Mandela/Fidel Castro Medical Collaboration Programme phakathi kwamazwe amabili olwasungulwa ngonyaka wezi-1997, okuhloswe ngalo ukubhekana nokushoda kodokotela ezindaweni ezintulayo.
UDirco uthe usebenzisana neziphathimandla zase-Cuba ukuqinisekisa le vidiyo futhi bathole ukuqonda kangcono ngokwenzekile.
“Uhulumeni waseNingizimu Afrika uyazi ngale video okuthiwa ibandakanya abafundi baseNingizimu Afrika e-Cuba. UDirco usebenzisana neziphathimandla ezifanele ukuphenya ngalesi simo,” kusho umnyango esitatimendeni.
I-Democratic Alliance (i-DA) ekuqaleni kwalo nyaka iphakamise ukuthi abafundi baseNingizimu Afrika ababuye njengoba odokotela bakusasa bekhala ngesimo esingesihle abahlala kuso njengoba abanye babo sekumele badayise izingubo zabo ngoba bengayitholi imali yesibonelelo sikahulumeni.