Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amaphepha aputshukile okubalwa i-Mathematics, i-Physical Sciences nesiNgisi abandakanya abafundi abangu-40 bezikole eziyisikhombisa zaseTshwane.
Abafundi abatholakala benecala bangase balahlekelwe izitifiketi zabo, bahlawuliswe noma bavalelwe ejele isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha.
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uzogodla imiphumela yabafundi bakamatikuletsheni abangu-40 ngemuva kokubanjwa kwihlazo lokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthe ukuputshuka kwalamaphepha kufaka izikole eziyisikhombisa endaweni yaseTshwane.
UGwarube ubekhuluma ngoLwesihlanu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba mayelana nokutholwe uphenyo oluyisipesheli.
Uphenyo luthole ukuthi laba bafundi abangu-40 bebekwazi ukuthola amaphepha emibuzo kanye nama-marking guide ngaphambi kokuhlolwa. Okuqinisekisile ukuthi ukwephulwa komthetho kuvele ngaphakathi kohlelo lokuhlolwa oluvikelekile lomnyango.
Kukholakala ukuthi isikhulu somnyango sike safinyelela kula maphepha sawadlulisela enganeni yaso, yabe isisiza ukuwahambisa kwabanye.
Esinye isikhulu naso siyaphenywa.
Ithimba lezobunhloli belingakawutholi umshini oqondile noma isikhathi amaphepha athathwe ngaso ohlelweni. Uphenyo lusaqhubeka.
UMnyango uthe ubuqotho bezivivinyo zeNational Senior Certificate abuzange bube khona, njengoba kukhona abafundi abathintekayo kubafundi abangaphezu kuka-900 000 ababhalile.
UGwarube uthe izikole ngeke zidalulwe ngoba uphenyo lugxile kumuntu ngamunye. Uxwayise ngokuthi izikole zakule ndawo akufanele zithathwe ngokuthi zinecala.
Umalusi, oyinhlangano elawula izinga lezivivinyo, nayo ikuqinisekisile ukuthi ukwephulwa kwemithetho kunqunyelwe ezifundweni ezintathu: iMathematics, iPhysical Sciences nesiNgisi uLimi Lwasekhaya. Kuthinteke amaphepha ayisikhombisa.
Isikhulu esiphezulu saMalusi uDkt Mafu Rakometsi sixwayise ngokuthi nabafundi abangakabanjwa bazojeziswa uma bekhonjwa ngokuhamba kwesikhathi.
“Uma betholakala imiphumela yabo izohoxiswa, bangahlawuliswa noma babhadle ejele izinyanga eziyisithupha uma bengazibuyisi izitifiketi zabo,” usho kanje.
URakometsi ugcizelele ukuthi nakuba leli hlazo lilibi kakhulu, aliphazamisi ukwethembeka kwemiphumela yezivivinyo iyonke.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uSiviwe Gwarube.
Umthombo wesithombe: GCIS
