Mkhuseli Sizani
Walala nesikhulu soMnyango Wezasekhaya. Wahlaba nembuzi. Kodwa usanomazisi ongafanele.
UNtomboxolo Nyendwana, umama oneminyaka engama-50 wezingane eziyisithupha waselokishini laseNkandla e-Port Elizabeth, uzizwa engcolile futhi elulazekile ngenxa yazo zonke izinto ebekumele azenze ukuze athole umazisi ofanele.
Ngemuva kwamashumi eminyaka-esebenzisana noMnyango Wezasekhaya, namanje akakabi nawo umazisi ofanele.
UNtomboxolo uthi, uMnyango Wezasekhaya usuyicekele phansi impilo yakhe yonke.
Ubhekene nezikweletu ezikhulayo ezivela komashonaisa (ababolekisa ngemali) ngoba akakwazi ukusebenza ngenxa yokuthi omazisi ababili anabo abalungile.
Izinkinga zikaNtomboxolo zaqala ngonyaka wezi-1991.
Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi:
Ngonyaka wezi-1991 wafaka isicelo sikamazisi ngenkathi enza umatikuletsheni. “Ngemuva kokufaka isicelo kabili ngathola umazisi wami. Kodwa-ke izikhulu zangitshela ukuthi inombolo kamazisi wami ayilungile base beyisusa.”
Ngonyaka wezi-1993 wayesevele efunda eNelson Mandela University, enza iziqu zakhe ze-BA kwezemfundo. “UMnyango Wezasekhaya wangitshele ukuthi, ukushicilelwa kweminwe yami kumadokhumende sekuguqukile. NgoMfumfu kwadingeka ukuba ngiyeke enyuvesi.”
Ngonyaka wezi-1993 ngesikhathi emi kulayini woMnyango Wezasekhaya, wahlangana nesikhulu esathembisa ukuthi “sizongisiza uma ngilala naso. Saya endlini yangasese, senza ucansi. Ngemuva kokulala naye, wanginika iphepha langasese ukuthi ngizesule. Kodwa akazange angisize enkingeni yami.”
Ngonyaka wezi-1994 wabuyela eMnyangweni Wezasekhaya. “Ngangifuna umazisi wesikhashana ukuze ngivote. Isikhulu esifanayo sacela ukuya ocansini futhi, kodwa ngenqaba. Kunalokho ngacela ezinye izikhulu ukuthi zingisize.”
Ngonyaka wezi-1995 watshelwa ngesinye sezikhulu ukuthi, inkinga yakhe ukuthi unamashwa amaningi kakhulu. “Wangeluleka ukuthi ngihlabe imbuzi ngishweleze emadlozini. Ngahamba izangoma nabaprofethi abathathu abanginika umuthi ukuba ngigcobe esikhunjeni sami bese ngifaka ngaphansi kolimi uma sengiya eMnyangweni Wezasekhaya. Kodwa umuthi awuzange ungisize.”
Ngonyaka wezi-1996 waphindela futhi, “esinye isikhulu sesifazane sangicela ukuba ngisithengele isiphuzo. Lesi sikhulu sathi, isiphuzo lesi esabo ukuze bezokwazi ukungisiza ngigcwalise amafomu. Ngabhala incwadi, ngibika lezo zikhulu emahhovisi abo amakhulu.”
Ngonyaka wezi-1997 wagcina ewutholile umazisi. “Kodwa igama lami lesibili, okunguPatience, lalibhalwe ngokuthi Patient.”
Ngonyaka wezi-2005 wabuyela enyuvesi wayoqhubeka nezifundo zakhe. “Kodwa ikhadi lasebhange engangilisebenzisa ukukhipha izibonelelo zezingane zami lavalwa. Ngatshelwa ebhange ukuthi igama lami nenombolo kamazisi wami kufana nemininingwane yomunye umuntu wase-Grahamstown”
Ngonyaka wezi-2010, inkinga yaqala phansi futhi.
Ngonyaka wezi-2011 waya eMnyangweni Wezasekhaya eyobhekana ngqo nalesi sikhulu alala naso ngokocansi. “Ngambuza ukuthi, ungenzeleni njengoba ngisasokola nomazisi wami. Sasikuphi isidingo sokuthi ngilale naye ngoba akangisizanga ngalutho.”
“Kwadingeka ukuthi kubizwe amaphoyisa azongenelela ngoba lesi sikhulu sase singisabisa ngokungishaya. Kodwa ezinyangeni ezimbalwa ngemuva kwalesi sehlakalo, ngathola umazisi wami. Impilo yaba mnandi.”
Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye, inkinga yomazisi isibuyile ukuzomhlupha futhi.
NgoNtulikazi wonyaka wezi-2020, ulahlekelwe yikhadi lakhe lakwa-Sassa lokukhipha imali yesibonelelo sezingane zakhe ezintathu.
“Ngatshelwa ukuthi izigxivizo zeminwe yami nenombolo kamazisi wami akukho.
“Ngifana nomuntu ofile ngoba anginawo umazisi. Impilo yami yonke bengilwela ukuthola umazisi ofanele. Kodwa izikhulu zoMnyango Wezasekhaya ziyaqhubeka nokubhidliza impilo yami ngamaphutha azo, ngokungenzi umsebenzi ngendlela.”