UMnyango wezaseKhaya uthi ususitholile isicelo esisemthethweni sokuthi kubhekwe ukuthi udabuka kuliphi izwe uzime ongenele umncintiswano kaMiss SA wango-2024, uChidimma Adetshina.
Embhalweni obhalwe ku-X ngoLwesibili, uNgqongqoshe wezaseKhaya uLeon Schreiber uthe uMnyango uthole isicelo kubahleli bomcimbi ngoMsombuluko, okuhlanganisa nemvume ka-Adetshina.
Izinkulumo mayelana nokubamba iqhaza kuka-Adetshina zisukela ekuzalweni kwakhe ngubaba odabuka e-Nigeria kanye nomama waseNingizimu Afrika kodwa odabuka e-Mozambique.
“Ngokusekelwe kulesi sicelo sokuzithandela kanye nemvume edingekayo, sisebenzela ukuqinisekisa nokuhlanganisa imininingwane edingekayo,” kusho uSchreiber.
Uqhube wathi noma yiziphi izinkinga ezitholakalayo zizosingathwa ngokomthetho, uma konke sekumi ngomumo bazokwazisa abafake izicelo kanye nomphakathi.
Uzime oneminyaka engu-31 ubudala wazalelwa esibhedlela iChris Hani Baragwanath e-Soweto wakhulela e-Pimville.
Wabe esethuthela eKapa lapho ahlala khona nabazali bakhe.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie utshele amalungu e-Patriotic Alliance engosini ka-Facebook ukuthi uzoxolisa uma u-Adetshina enobuzwe baseNingizimu Afrika.
“Angazi noma lo wesifazane ungowaseNingizimu Afrika noma cha. Kodwa njengomholi, kufanele ngiphenye. Simatasa siyaphenya kanti nabezindaba bangihleli entanyeni. Ngakho-ke, uma umsebenzi wabezindaba kuwukuveza ukuthi wazalelwa eNingizimu Afrika, sikhombise amaphepha okuthi ungowaseNingizimu Afrika.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Osesithombeni ngenhla: UChidimma Adetshina.
