Umntwana uThembi uzothunwa ngoLwesine

Celani Sikhakhane

Umntwana uThembi Zulu- Ndlovu ongasekho, obaziwa ngelevukelambuso ngokuphikisana neSilo uMisuzulu, ngaphambi kokuthi ashone wathi akazimisele  ukubona iSilo uMisuzulu sigcotshwa.

Umntwana uThembi oshone ngempelasonto unconywe iqembu elithile emndenini njengo muntu obekhuthele.

Elinye ilungu lomndeni elingathandanga kudalulwe igama lalo, litshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMntwana uThembi ufeze isifiso sakhe asenze esaphila sokuthi akafuni ukuphilela ukubona iSilo uMisuzulu sigcotshwa.

Uzongcwatshwa ekhaya lakhe e-Newcastle ngoLwesine, sekusele inyanga ngaphambi kokuthi kugcotshwe iNkosi yesizwe samaZulu uMisuzulu kaZwelithini.

“Sonke sisazohlala nalawo magama anamandla amntwana uThembi asishiye nawo, kungcono silwe sife kunokuthi sibone uMisuzulu kaZwelithini egcotshwa,” kusho ilungu lomndeni.

Umfowabo kaMntwana uThembi, uMntwana uMbonisi waseKhwezi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi udadewabo uzongcwatshwa ngoLwesine kodwa abanaso isiqiniseko sokuthi uhulumeni uzobamba iqhaza yini kulolu hlelo.

Ngaphambi kokuthi ashone, umntwana uThembi uvele kungazelelwe emcimbini weSilo uMisuzulu woMkhehlo ngasekuqaleni kwale nyanga, efika nophiko lokuvikela lakwa-SAPS obeluhlinzekelwe iSilo uMisuzulu.

NgoLwesibili olulandelayo uye wakhala ngezinhlungu esifubeni futhi kamuva wangeniswa esibhedlela sase-Newcastle. Udlule emhlabeni ngoLwesihlanu ntambama.

Ngo-2008 wahlaselwa yizinso futhi wabe esesebenzisa umshini wokuhamba.

NgoNhlolanja, kulonyaka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uvakashela udokotela wakhe njalo ngoLwesihlanu ukuze ahlolwe.

“Ayikho into enamandla njengokwamukela isimo sakho kanti ilokho engakwenza nami. Ngamukela kusukela ngo-2008 ukuthi ngeke ngikwazi ukuhamba noma ukuphila ngendlela engangiphila ngayo kodwa akuzange kunginike izinkinga,” kusho umntwana uThembi etshela i-Scrolla.Africa ngaphambi nje kokuba ashone.

Scrolla World Cup Quiz