Celani Sikhakhane
Ozibiza ngeSilo samaZulu uMntwana uSimakade ukhwele wadilika kulabo abathi akahambe ayofuna umsebenzi wangempela kunokuthi alwele isihlalo sobukhosi.
UMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini usanda kubekwa njengeSilo samaZulu ngamavukelambuso aphikisana neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Kwividiyo eqoshiwe eqale ukusabalala ngoMsombuluko, uMntwana uSimakade uthe uzwe amahlebezi okuthi abantu bacabanga ukuthi ufuna ukuba iSilo ukuze agweme ukusebenza kanzima.
Uthe umndeni wasebukhosini awumbekanga esihlalweni ngoba efuna impilo yobukhazikhazi yeSilo.
“Anginendaba naleyo mpilo ngoba nginezinto zami engizisebenzele kanzima. ISilo esakhothama sangifundisa ukuzimela,” esho.
“Kungani kumele ngifune umsebenzi ekubeni nginezinto zami? Angifuni lutho kumuntu.”
NgoMgqibelo uMntwana uSimakade wenze isiko lokungena esibayeni esigodlweni saseNyokeni lapho okuba khona uMcimbi woMkhosi woMhlanga minyaka yonke. Umenyezelwe njengeSilo esisha samaZulu.
Lo mcimbi wenziwe ngaphambi koweSilo uMisuzulu kaZwelithini, ozoba eNdlunkulu kwaKhangelamankengana kwaNongoma ngoMgqibelo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomsa Dube-Ncube, usememezele ithimba lehhovisi lakhe elizosiza iSilo uMisuzulu ukulungisa indlela yokungena esibayeni ngoMgqibelo.
UMntwana uSimakade usekwe yizinkakha ezifana nenkosazane uThembi Ndlovu ongasekho kanye noMntwana uMbonisi.
Kodwa ukuqhekeka kweqembu lakhe kuqale ukubonakala ngoMgqibelo ngesikhathi kuvela ukuthi uMntwana uMbonisi waseKhwezi useshintshile manje weseka umuntu omusha oqokelwe ukuthatha isihlalo sobukhosi esigodlweni saKwaDlamahlahla. Ohlongozwayo ungenye yamadodana kaNdlunkulu uBuhle Mathe ongunkosikazi wesithathu weSilo uZwelithini.
UMntwana uMbonisi akazange awuhambele umcimbi wesibaya kaMntwana uSimakade.
UMntwana uMbonisi akatholakalanga ukuthi aphawule ngemuva kokuthi ucingo lwakhe luphendulwe umuntu othe uMntwana umatasa emhlanganweni.