UMntwana uMangosuthu uphinde wangeniswa esibhedlela

Lubhalwe nguZukile Majova noCelani Sikhakhane

INkatha Freedom Party isikuqinisekisile ukuthi umsunguli wayo uMntwana uMangosuthu Buthelezi usebuyele esibhedlela.

Okhulumela uButhelezi, uLiezl van der Merwe uthe uButhelezi “uqale wangeniswa esibhedlela ukuze ahlolwe futhi elashelwe izinhlungu ezihlezi zimphatha eqolo.

“Sekufike ezindlebeni zami ukuthi kusabalele amahlebezi mayelana nokugula kukaMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Ukuze siqede uvalo ngifisa ukuqinisekisa ukuthi uMntwana uButhelezi ulaliswe esibhedlela kodwa akaguli kakhulu,” kusho uVan der Merwe.

Uthe nakuba uButhelezi eye wakhishwa esibhedlela “ngeshwa kudingeke ukuthi abuyiselwe ukuze aqhubeke nokwelashwa futhi alulame.”

Nyakenye ngoNcwaba uButhelezi wangeniswa esibhedlela ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi uhlaselwe ukugula esekhaya kwaPhindangene eNkonjeni.

Waphuthunyiswa esibhedlela saseThekwini welashelwa i-hypertension.

UMntwana wakwaPhindangene uzohlanganisa iminyaka engu-95 ngomhlaka-27 kuNcwaba.

Okhulumela iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana u-Afrika Zulu uthe iSilo sifisela uMntwana uButhelezi ukwelulama okusheshayo.

Uthe iSilo saziswe ihhovisi likaButhelezi ukuthi uMntwana wakwaPhindangene ungeniswe esibhedlela ukuze ahlolwe ngokujwayelekile.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen naye akapholisanga maseko wafisela uButhelezi ukwelulama okusheshayo.

Le nhlangano isungule ubudlelwano ne-IFP yaphinde yavuka KwaZulu-Natal ukuze iketule i-ANC ngokhetho oluzayo lukazwelonke lwango-2024.

Kuyimanje umfelandawonye we-IFP ne-DA usuwine inqwaba yamawadi ezindaweni ebezithathwa njengezizinda ze-ANC phambilini.

I-IFP iphethe omasipala abangu-29 esifundazweni kanti kulindeleke ukuthi ilwele ukuthatha uMasipala wakwaNongoma okhethweni lokuchibiyela oluzayo.

Iqhaza likaButhelezi njengoNdunankulu womdabu wesizwe samaZulu kanye neNgonyama limenze wathandeka ezinhliziyweni zamaZulu.

Kulindeleke ukuthi uShenge okuyigama adume ngalo ahole imikhankaso ngokuzayo kanye noMengameli wamanje we-IFP uVelenkosini Hlabisa ngaphambi kokhetho lwangonyaka ozayo.

Impilo yakhe izoba bucayi ekusaseni le-IFP kanye nokubusa kwayo KwaZulu-Natal.

Esithombeni esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu womdabu wesizwe samaZulu neNgonyama ulaliswe esibhedlela.

Umthombo: Twitter

Izihloko zakamuva