
Lubhalwe nguTladi Moloi
I-South African National Civic Organisation (Sanco) inikeze abanikazi bama-pitbull base-Free State umqamulajuqu: lethani izinja zenu ezinsukwini ezinhlanu noma sizozilanda ngokwethu.
Kahleni ngamawala, kusho ilungu le-Bloemfontein pitbull community uCarmen Bester.
Unxuse i-Sanco ukuthi ingathathi izinja ezinhle kubanikazi abaqotho.
“Lezi zindaba zibuhlungu. Siyazithanda izinja zethu,” esho.
UBester ubephendula isitatimende sikaTshepo Davids okhulumela i-Sanco esifundazweni othumele isexwayiso sokuthi bonke abanikazi bama-pitbull e-Free State kumele balethe izinja zabo ngokuzithandela zingakapheli izinsuku ezinhlanu.
Yize ungekho umthetho omelene nobunikazi bama-pitbull kuleli, uDavids uthe bazoqala umkhankaso wokususa ngenkani lolu hlobo lwezinja olungundabamlonyeni.
Uthe banethemba lokuthi bazosebenzisana ne-SPCA, abakwa-SAPS kanye namalungu omphakathi.
Uma abanikazi bama-pitbull bengalethi lezi zinja ngokuzithandela ngoMsombuluko ngomhlaka-28 kuLwezi, uDavids uthe i-Sanco izoya ezindlini zabanikazi bazo izithathele ngenkani.
Uthe nakuba abakwa-SAPS bengakathintwa ngalolu hlelo kodwa unethemba lokuthi bazohambisana nabamele i-Sanco.
Lesi sinyathelo siza ngemuva kokuthi izingane ezimbili, eyodwa (8) yase-Bloemfontein nenye (3) yase-Hennenman zibulawe ama-pitbull emasontweni adlule.
UDavids uthe udaba lwama-pitbull “seluwubhubhane” futhi njengenhlangano yomphakathi i-Sanco ifuna ukuthatha isinyathelo sokuvikela abantu.
“Sisalelwe izinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuthi sithathe isinyathelo. Singajabula uma abantu bengabambisana nathi. Sinabantu asebeqalile ukuletha izinja zabo ngoba bayakuqonda esifuna ukukuzuza,” esho.
UDavids uthe kukhona abathi bazoyisa i-Sanco enkantolo uma ingathatha izinja zabo ngenkani.
“Simi ngomumo silindele noma yini. Besazi ukuthi kuzoba nodlame kulolu hlelo nokuthi singathathelwa izinyathelo zomthetho kodwa sikulungele lokho,” esho.
Uthe banethemba lokuthi bazothinta amalungu akwa-SAPS uma sebeyothatha izinja.
UMaleke Moletsane (30) wase-Kroonstad onezinja ezimbili zama-pitbull uthe akahambisani nombono wokuhambisa izinja zakhe kwi-Sanco.
“Ngathenga lezo zinja ukuze ngizivikele nomndeni wami. Bezilokhu zethembekile kithina. Sengizifuye iminyaka engaphezu kwengu-15 futhi azikaze zilume muntu. Uma uhulumeni ezithatha kumele anginike le mali engiyisebenzisile kulezi zinja. Uma uhulumeni engakwenza lokho anginankinga yokuthola olunye uhlobo lwezinja,” esho.
Umhloli ophezulu kwa-SPCA e-Bloemfontein uMnu Reinet Meyer, uthe bebengazi ngesitatimende se-Sanco kodwa wathi bazolwenza uhlelo lokubhekelela lezi zinja uma kwenzeka lokho.
“Ngemuva kwalezi zigameko ezimbili ezenzeke e-Free State sicele umphakathi ukuthi ulethe izinja ezinodlame eziyingozi emphakathini,” esho.
ULieutenant Colonel Thabo Covane we-SAPS Corporate Communication and Liaison e-Mangaung Metro, uthe bebengazi ngomkhankaso we-Sanco.
Esithombeni esigenhla: I-Pitbull
Umthombo wesithombe: @SouthAfrican